Bafana BafanaEzintsha

OweChiefs noweDowns ‘kwabayizipele’ kwiBafana Bafana 

Lo mqeqeshi odabuka eBelgium umemezele iqembu lakhe labadlali abangu-25 azoya nabo eMorocco la eyodlala khona kulo mqhudelwano.

IBafana Bafana ingelinye lamaqembu esizwe abhekwe ngabomvu futhi ayizintandokazi ekutheni engadla isicoco se-Afcon. 

Lokhu kungenxa yokuthi yasebenza kahle emqhudelwaneni odlule, futhi yaphinde yakhombisa ukunyuka kwezinga emidlalweni yokuhlunga. 

Izoqala umkhankaso wayo ngoDisemba 22 laizobhekana khona ne-Angola eMarrakesh , bese ilandela ne-Egypt ngoDisemba 26

 Iyobe seyivala imidlalo yesigaba samaqoqo ngokubhekana neZimbabwe ngoDisemba 29 – yonke le midlalo kulindeleke ishube.

Ngesikhathi ememezela iqembu lakhe ngoMsombuluko emini, uBroos uvume ukuthi bekungelula njengoba bekumele ashiye ngaphandle abadlali abangu-30.

Ngokwemithetho yeCaf elawula lo mqhudelwano, iqembu ngalinye livumeleke ukubhalisa abadlali abangu-23 kodwa lingafina nabangu-27.

Izindleko zalaba abanye abangaphezulu zikhokhelwa yinhlangano eyengamele ibhola kulelo lizwe, kuleli okuyiSafa.

Nokho ngaphezu kwalaba abangu-25, uBroos ube esecuphisa ngabanye abathathu abazogada ukuthi uma kuba khona oliimalayo kulaba abangu-25, bese engena ezovala isikhala.

Kulaba badlali abathathu kukhona uMduduzi Shabalala weKaizer Chiefs, u-Iqraam Rayners weMamelodi Sundowns noThabo Moloisane weStellenbosch FC. 

IBafana Bafana izoqala ikhempu yayo yokulungiselela lo mqhudelwano ngoMsombuluko ozayo ngemuva kokusongwa kwemidlalo yePSL kulo nyaka.

ISundowns – enabadlali abahlanu kwiBafana – izodlala umdlalo weBetway Premiership neSiwelele FC – enoyedwa – ngoLwesithathu ebusuku. 

I-Orlando Pirates, okuyiyo enabadlali abaningi njengoba inabayisishiyagalolunye, izodlala umdlalo wamanqamu weCarling Knockout Cup neMarumo Gallants ngoMgqibelo. 

UBroos uzobe emincele ukuthi kubadlali abaqokile kulamaqembu abekho abazolimala kulo mdlalo.