Ezintsha

OweScottland uveza isifiso ngebhola laseZimbabwe

Umengameli we-Scottland FC yaseZimbabwe, uPedzai Scott Sakupwanya useveze umgomo azibekele wona ngebhola lakuleliya zwe.

Uthi umgomo wakhe omkhulu wukuguqula isimo sebhola laseZimbabwe ngokutshala imali eningi ukuze abadlali bangabe besaphoqeleka ukuyodlala kwamanye amazwe ngenxa yamaholo aphansi.

Ukusho lokhu ekuluma neLisenethini ngemuva komdlalo weToyota Cup phakathi kweKaizer Chiefs neScotland FC eRoyal Bafokeng Stadium eNorth West ngeSonto.

USakupwanya uthe ufuna abadlali baseZimbabwe bakwazi ukuhlala bedlala ekhaya, kodwa bahole imali efana naleyo etholwa abadlali kumaligi ahlonishwayo e-Afrika.

“Ngitshale imali eningi ebholeni laseZimbabwe ngoba ngifuna ukulifukula. 

“Abadlali bethu bahola amakinati, yingakho begcina beshiya izwe beyofuna amathuba kwamanye amaligi,” kusho uSakupwanya.

Uthe ufisa ukuthi amaholo abadlali base-Zimbabwe afane nalawo akhokhwa kwiBetway Premiership yaseNingizimu Afrika, e-Egypt, eLibya, e-Algeria, eTunisia neNBC Premier League yaseTanzania.

USakupwanya uphinde waqinisekisa ukuthi baboleke umdlali wasemuva weDurban City FC, uEmmanuel Jalai, ozohlala eqenjini izinyanga eziyisithupha.

“Simthathe ngoba sifuna asisize emikhankasweni yeCaf Champions League. 

“Umgomo wethu ukufinyelela okungenani kowandulela owamanqamu kulo mqhudelwano,” kuqhuba yena.

I-Scottland FC isivele iqinise isikwati sayo ngabadlali abadume kwiBetway Premiership okubalwa kubo uKnowledge Musona, uWalter Musona noKhama Billiat. 

Kukhona nemibiko eqhubeka imatanisa leli qembu nomgadli waseNamibia, uPeter Shalulile.