EzintshaKaizer Chiefs

OweChiefs nezithembisayo ngo-Ethan Chislett noShange 

Ngemuva kwezinyanga zokuqagela, ukubambezeleka ngenxa yokulimala, u-Ethan Chislett noNkanyiso Shinga bengase bedlale okokuqala kwiKaizer Chiefs kuleli sonto.

Umqeqeshi weChiefs, uKhalil Ben Yousseff, ukuqinisekisile ukuthi laba bobabili sebekulungele ukudlala.

Ukusho lokhu njengoba Amakhosi elungiselela ukubhekana neStellenbosch FC emdlalweni weBetway Premiersho eFNB Stadium ngoLwesibili ebusuku.

Laba bobabili bebengakaze badlale nakanye emidlalweni esemthethweni kusukela bejoyine leli qembu ekuqaleni komkhankaso ka-2025/26.

Babonwe beziqeqesha ‘ngokugcwele’ ngesikhathi iqembu lenza amalungiselelo okugcina ngoMsombuluko eNaturena Village.

Ngesikhathi uBen Youssef ebuzwa ukuthi ingabe laba bobabili bazodlala yini, lo mqeqeshi waseTunisia uvele waphendula ngendlela exakile.

“Kusasa lokhu okusayo, uzothola impendulo yakho,” uphendule kanje uBen Youssef.

Le mpendulo ayicacisi kahle kodwa iphakamisa ukuthi kungenzeka babe khona eqenjini okokuqala. 

KuChislett, obevelele kwiPort Vale, kuningi okubhekwe kuye njengoba kufanele abonise ikhono ebelibatshazwa kuye esayinwa.

Wanconywa kakhulu, abanye baze baphakamisa ukuthi uzongena kalula eqenjini likaHugo Broos leBafana Bafana.

Ukubuya kuka-Ethan Chislett noNkanyiso Shinga kunikeza umfutho omkhulu kwiKaizer Chiefs.

Nokho igumbi lezokwelapha leqembu lisalokhu likhathaza njengoba kunabadlali abangakaphumi kulo.

IChiefs inikeze isibuyekezo ngabadlali abalandelayo ngaphambi komdlalo wangoLwesibili:

  • U-Etiosa Ighodaro: Lo mgadli usekude ukubuya futhi kulindeleke ukuthi aze aqala ukujima emasontweni amabili ezayo.
  • UReeve Frosler: Lo mdlali wasemuva ngeke abe khona emdlalweni weStellies.
  • UGeorge Matlou: Lo mdlali wasesiswini ubonakale eziqeqesha egqoke i-brace edolweni, ekhomba okunye ukulimala okungas ekuthathe isikhathi eside.

Ngaphandle kwabangekho isikhathi eside nalaba abathathu okukhulunywe ngabo ngenhla, uBen Youssef ugcizelela ukuthi “abanye abadlali sebelungile”. 

IKaizer Chiefs iya kulo mdlalo isendaweni yesine ngamaphuzu angu-30, ilandela i-Orlando Pirates ehamba phambili ngamaphuzu ayisishiyagalombili. 

Nokho isasilele emuva ngemidlalo emibili. Iligi isiyithuba layo elilodwa lokuba nendebe kule sizini. 

Amakhosi asehlulwe kabili yileli qembu likaGavin Hunt emiqhudelwaneni yezinkomishi kule sizini.

Ukuvimba lo mkhuba ngoLwesibili kubalulekile ukuze iqinise umfutho ngaphambi kokuthi ibhekane nePirates ngoMgqibelo.