Ezintsha

Imeneja kaMbokazi iveza okwenza ifune amaqembu axhume yona 

Imenenja yomdlali wasemuva weChicago Fire, u-Mbekezeli Mbokazi, uBasia Michaels isikhiphe isicelo esibheke emaqenjini ahalela lo mdlalo.

Uthi ukusebenzisa abanye abantu ukuthi kube yibo abawaxhumanisa naye kudala izinkinga ezingenasidingo. 

Lo mdlali ozakhele igama kwi-Orlando Pirates ukhuphule izinga lakhe ngemidlalo emihle ayidlale kwiBafana Bafana kwiNdebe yoMhlaba.

Ekhuluma noRaffaele Oriema esiteshini sase-Italy, i-Stile TV, uMichaels ugxeke abantu abazenza abamele abadlali.

“Ngithemba ukuthi amaqembu manje asezokwazi ukuxhumana nami ngqo, hhayi ukusebenzisa abantu abangayibhekeli inhlalakahle yomdlali,” kusho uMichaels.

“Umdlali ugcina ehlupheka ngenxa yalaba bantu abaqhamuka esithubeni bazenze sengathi abasebenzela umdlali, kanti akunjalo.”

Uphinde waqinisekisa ukuthi iChicago Fire izimisele ukumdayisa u-Mbekezeli Mbokazi uma kufika isicelo esifanele.

“Intshisekelo iqala uma ikilabhu ixhumana ngqo neChicago Fire,” kuchaza le ntokazi.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi iChicago Fire isivele ixoxisana nami nabanye abantu mayelana nesivumelwano esingase senzeke ngoba bazimisele ukumdayisa.”

UMbokazi usehehe amehlo amaqembu amaningi ase-Europe ngemuva kokugqama kwakhe kwiNdebe yoMhlaba.

Manje kubukeka sengathi ikusasa lika-Mbekezeli Mbokazi lizoba ngesinye sezindaba ezinkulu njengoba kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali.

Kumaqembu aseke aveza intshisekelo kubalwa iNapoli yase-Italy neRC Lens yaseFrance okuthiwa seyikubekile okuthile etafuleni.