
Kuphinde kwabhimba kuMokwena iWydad iwasha ijezi
I-Wydad Athletic Club iphinde yaphambana nenkwahla ngesikhathi ithola isibhaxu esingalindelekile ngoMgqibelo.
Iwashiswe ijezi kwiMoroccan Throne Cup ngokuhlulwa ngo 1-0 yiMoghreb Atlético Tetuán eSaniat Rmel Stadium.
Ukuhlulwa kuqeda ithemba leWydad lokuphakamisa indebe kule sizini, okwandisa ingcindezi kumqeqeshi uRulani Mokwena.
Lo somaqhinga waseNingizimu Afrika usevele uyagxekwa ngemuva kokudlala ngokulingana imidlalo emine kulandelana kwiBotola Pro League.
Lokhu kwenze iWydad yaphuma ezindaweni zokuyodlala emidlalweni yeCaf Champions League ngesizini ezayo.
I-Throne Cup beyiyithuba kuMokwena ukuthi aguqule isizini yakhe yokuqala ngemuva kokuqala kabi.
I-Wydad yayishaye i-FUS Rabat emzuliswaneni wokugcina, okwabuyisa ithemba lokuthi iza kahle kulo mqhudelwano.
Kodwa ukuhlulwa yiTetuán edonsa kanzima futhi esanqobe imidlalo emibili kuphela kwengu-17 edlule akuzange kwehle kahle kubalandeli.
Abalandeli abaningi bakhungathekile ngamaphuzu alahliwe uma bebhekene namaqembu amancane nokungadlali kahle naphezu kokwakhiwa kabusha kweqembu.
I-Wydad ishintshe abaqeqeshi izikhathi ezingu-15 eminyakeni emihlanu edlule – futhi ingcindezi iyakhula namanje.
Ngeke kuthuse ke uma uMokwena ekhonjwa indlela maduze nje njengoba izinto zimbhimbela kule ‘Chippa United’ yaseMorocco.
