Ezintsha

Kuqinisekiswa isinyathelo sikamasipala ngeRoyal AM

IMeya yalo masipala, uMzimkhulu Thebolla ikuqinisekisile kwwiSportswire ukuthi ukuphela kwenkontileka kuzozenzakalela uma i-Royal AM ilahlekelwa ubulungu bayo bePSL.

I-PSL ihlele umhlangano weBoard of Governers (BOG) ozoba ngoLwesine eSandton Convention Centre ukuze kuphothulwe isimo se-Royal AM. 

Leli qembu libhekene nokuxoshwa ngemuva kwezinsolo zokuhlanekezela imininingwane nokwephula imithetho yokushintshana ngamasheya.

Umasipala usayine inkontileka yeminyaka emithathu ne-Royal AM ngo-2023, yokuyixhasa ngo-R9 million ngesizini. 

Inikeze ikilabhu ithuba lokusebenzisa iHarry Gwala Stadium mahhala, njengoba bekubhekwe ukuthi isize ukungenisa imali ebalelwa ku-R64 million emnothweni wedolobha.

“Isivumelwano sethu besihlale sisekelwe ekutheni iRoyal AM ibe kwiPSL (Betway Premiership),” kusho iMeya uThebolla. 

“Uma bengasekho kule ligi, ubudlelwano bethu buyaphela.”

UThebolla uphinde waveza ukuthi izinyathelo zomthetho zingalandela ngenxa yokwephulwa kwenkontileka okungenzeka.

I-Royal AM imisiwe emiqhudelwaneni ye-PSL futhi ingaphansi komlawuli weSars, efuna isikweletu sayo sika-R40 million kumnikazi wayo uShauwn Mkhize. 

Leli qembu alikaze lidlale kusukela ngoDisemba 29 nyakenye futhi lihlezi emsileni kwilogi ngamaphuzu ayisishiyagalombili nje kuphela.

Imizamo yokulithengisa kasomabhizinisi waseThekwini uRoy Moodley ihlulekile, okushiye le kilabhu isesimweni esingaqondakali ukuthi sibhekephi.

Lokhu kwenze ukuthi iPSL ifake isincomo sokuthi ubulungu bayo bunqanyulwe.

Ebuzwa ukuthi ngabe umasipala uyazisola yini ngalesi sivumelwano, uThebolla uthe isivumelwano sasifanele ngesikhathi bengena kuso.

“Besifuna iqembu le-PSL edolobheni lethu. Bekungekhona ngoMaMkhize. I-Royal AM beyilapha, futhi sahlanganyela nayo kuqala.”

Uqhube wathi lesi sivumelwano sifana nalesi ababenaso neMaritzburg United, naso esaphela ngemuva kokuthi idliwe yizembe.

Uma kwenzeka iRoyal AM ixoshwa ngokusemthethweni, umasipala uzothintana nethimba lawo lezomthetho.

Lokhu uzokwenzela ukubona ukuhi ngabe kukhona yini ukuphulwa kwemigomo yenkontileka okwenzekile.

UMaMkhize nendodana yakhe u-Andile Mpisane, yibo abasayina lesi sivumelwano, futhi bangase bathweswe icala.

Khonamanjalo, iHarry Gwala Stadium isaqhubeka nokusingatha imidlalo ye-ABC Motsepe League, njengoba uMsunduzi usabheka umnyakazo olandelayo.