
Ukhale ngenkundla iPirates ‘ingagculisi’ idla iCity
I-Orlando Pirates ibingekho ezingeni layo elijwayelekile ngesikhathi ihlula iPolokwane City ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo ntambama.
Iqembu lika-Jose Riveiro nokho likwazile ukusebenza ngokuzikhandla, lakhombisa ukuthi liyakwazi ukumelana nezimo ezixakile.
Lokhu kulisizile ukuthi ligcine likwazile ukuphuma namaphuzu amathathu amqoka.
Umqeqeshi uJose Riveiro usole inkundla yase-Old Peter Mokaba Stadium athe akuyona eyebhola, ngokugqilazeka kweqembu lakhe kulo mdlalo.
“Kuhlale kuwumdlalo omubi uma udlala e-Old Peter Mokaba Stadium,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo.
“Isimo senkundla sibi, senza ibhola lihambe kancane futhi ayiqondile kahle. Akuyona inkundla yebhola.
“Ngakho, kudingeke ukuthi sithole indlela yokungavumeli ukuthi bathole igoli futhi sibekezele, silinde ithuba lethu.
“Sinekhwalithi eyanele ngokwabadlali futhi kulokhu igoli lifike ngebhola eebelibhekwe phansi ukuze sithole amaphuzu amathathu amakhulu.
“Ngiyajabula ukuqoqa amaphuzu amathathu lapha ngoba akuwona wonke amaqembu angakwenza uma ebhekene naleli qembu elizimiselayo futhi namuhla ebelifake amandla engeziwe.”
I-Orlando Pirates ishaye igoli lokunqoba ngoNkosinathi Sibisi ngomzuzu ka-67.
USibisi ube nenhlanhla yokuthi ibhola lizishayise emlenzeni wakhe qede langena enethini ngemuva kokuthi unozinti wePolokwane elibambe walidedela.
Amaphuzu amathathu asondeze i-Orlando Pirates kubaholi belogi yeBetway Premiership uMamelodi Sundowns.
Igebe selincishisiwe lafinyelela kumaphuzu angu-12 phakathi kwala maqembu womabili.
Nokho iPirates isasilele ngeimidlalo emithathu ngemuva kweSundowns.
Lokhu kusho ukuthi iligi kulokhu kungenzeka ize icace ngosuku lokugcina ukuthi iya ngaphi uma iPirates ingeke iwulahle umgqigqo.
