EzintshaOrlando Pirates

OweBay uxwayisa i-Orlando Pirates: ‘Ingezi ngobuso!’ 

IRichards Bay FC isikhiphe isexwayiso esibheke kwi-Orlando Pirates ngaphambi komdlalo walamaqembu ngoLwesihlanu – ithi yona ayiyona iminqolo!

Umqeqeshi weRichards Bay, uPapi Zothwane uthi iPirates ingabazeli ngobuso, ithembe ukuthi iyiziqhwaga ezisoconga kwasani ephambi kwazo muva nje. 

La maqembu azogadulisana eMhlathuze Stadium, kanti womabili abheke amaphuzu aphelele ngezizathu ezihlukene kakhulu. 

IBucs isemjahweni wesicoco weBetway Premiership, kanti iNatal Rich Boyz yona iphokophele ukukhuphuka kwilogi.

Womabili la maqembu aya kulo mdlalo enokukhulu ukuzethemba. IRichards Bay isanda kubhuquzisa iStellenbosch FC.

I-Orlando Pirates ikhombise isihluku emidllalweni emibili edlule, ishaya iTS Galaxy ngo 6-0 ngaphambi koshisa iGolden Arrows ngempaka ka 5-0.

Yize ekuvumile ukuthi ukushisa kwamaBhakabhaka, uZothwane ukubeke kwacaca ukuthi ezakhe ngeke zibe yiminqolo.

“Kuzoba wumdlalo onzima kwazise bajaha isicoco seligi. Kodwa uma sidlala ekhaya akulula ukusishaya,” kusho uZothwane.

Lo mqeqeshi ugcizelele ukuthi iPirates kufanele izilungiselele isivivinyo esiqinile.

“Akufanele beze lapha becabanga ukuthi bazowina kalula. Kuzoba umdlalo onzima, futhi sizobe sizilungiselele kahle.”

I-Orlando Pirates isefomini enhle futhi iyalazi ipali lapho likhona muva nje kanti iRichards Bay ayizimisele ukushayelwa ekhaya.

Lokhu kwenza lo mdlalo wangoLwesihlanu ube ngothembisa ukuba sezingeni eliphezulu.