
UMajoro ucacisa indima kaMbuthuma okukhalwa ngaye
Owayengumgadli we-Orlando Pirates, u-Lehlohonolo Majoro, usephumele obala wavikela u-Yanela Mbuthuma ogxekwa kakhulu ngabalandeli.
UMbuthuma ubhekane nokugxekwa okukhulu ngemuva kokushweba amathuba amahle emdlalweni ophele ngo-1-1 bebhekene naMaZulu FC ngoLwesithathu.
Nokho, uMajoro uthi abalandeli kufanele babheke umsebenzi owenziwa ngumgadli ngaphandle kokushaya amagoli kuphela.
“Besijwayele ukubheka umgadli njengomuntu oshaya amagoli,” kusho uMajoro.
“Kodwa manje umgadli unendima ayidlalayo eqenjini uma kumakwa noma kuhlaselwa ngale kokushaya amagoli.
“Ngikholwa ukuthi umdlali ofana noMbuthuma ungomunye wabagadli abenza lowo msebenzi…
“Usebenzela iqembu ngokuzinikela, ngaphandle kokuzicabangel yena yedwa futhi usebenza kanzima ukusiza iqembu liphinde lithole ibhola uma selilahlekile.”
UMajoro uthi le ngxenye yomdlalo ivame ukunganakwa ngabalandeli abasuke bebheke igoli kuphela.
“Kodwa thina njengabalandeli, ngoba sisacabanga ngokuthi ingabe uywashaya yini amagoli ngokwanele, asikuboni lokho,” kuqhuba yena.
“Kunabadlali abenza izinto eziningi emdlalweni, kodwa kudinga ukuthi uwubuke ngelinye iso umdlalo ukuze uzibone.”
Nokho, u-Lehlohonolo Majoro uyavuma ukuthi amagoli nawo abalulekile uma kuhlolwa abagadli njengoba kwenzeka ku-Yanela Mbuthuma.
“Angisho ukuthi abagadli akumele bahlulelwe ngenani lamagoli,” kwengeza yena.
“Ekupheleni kwesizini vele kubhekwa isibalo semidlalo bese siqhathaniswa nesamagoli. Yilokho okusabhekwa ngomgadli.”
Kodwa uthi umqeqeshi ubheka izinto eziningi ngaphambi kokukhetha umdlali.
“Umqeqeshi ubheka ukuthi, ‘ingabe lo mdlali ululandelile yini uhlelo lwethu? Ingabe ukwazile ukweungeza inani eqenjini?’
“Yingakho uzobona umqeqeshi eqhubeka nokusebenzisa umdlali othile,” kusho uMajoro.
- FUNDA NALA | Izifundo zokuqeqesha eDUT
Uphinde wathi abalandeli abayiboni yonke imininingwane eyenza umqeqeshi akhethe umdlali othile.
“Thina esibuka ngaphandle siyazibuza ukuthi kungani umqeqeshi edlalise lo mdlali njalo nje,” kusho yena.
“Mina ngake ngatshelwa ukuthi umdlalo ngamunye uhambisana nohlelo oluthile, ngakho lolo hlelo ludinga uhlobo oluthile lwabadlali.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
