
Owe-Orbit usabisa iPirates ‘ngetshe’ elizogelezisa izinyembezi
Iphini lomqeqeshi we-Orbit College, uKabelo Machete, usekhiphe isixwayiso esishubile esibheke kwi-Orlando Pirates ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo.
Uveze ukuthi ‘kuzogeleza’ izinyembezi ngemuva kwalo mdlalo weBetway Premiership ozoba seMbombela Stadium.
Ingcindezi iphezulu kuwo womabili lamaqembu kwazise umphumela uzoba nomthelela ozoshiya abalandeli zelizohlulwa bechiphiza izinyembezi.
I-Orlando Pirates idinga ukunqoba ukuze inqobe isicoco seligi, kanti i-Orbit College yona ilwela ukugwema ukugawulwa yizembe.
Uma amaBhakabhaka ehluleka ukunqoba, iMamelodi Sundowns izodla lesi sicoco ihlandla lesishiyagalolunye kulandelana.
Ngakolunye uhlangothi, i-Orbit ingase idliwe yizembe uma kuyibhimbele kulo mdlalo.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba seBetway Premiership ngoLwesihlanu, uMachete ukubeke kwacaca ukuthi ezakhe ngeke zizinikele kalula.
“Izinyembezi zizobe zigeleza laphaya, kodwa asazi ukuthi izinyembezi ezizobe zivelaphi,” kusho uMachete.
“Abafana bayazi ukuthi yithi esiphethe ukhiye. Ukuthi isicoco siya kwi-Orlando Pirates noma kwiMamelodi Sundowns kulele kithi.”
Ubuye waqhathanise lo mdlalo nempi yaseBhayibhelini phakathi kukaDavide noGoliyathi.
Uthe beyi-Orbit College, njengoDavide eBhayibhelini, badinga itshe elilodwa nje vo ukuqeda nge-Orlando Pirates.
“Siphethe itshe elilodwa futhi wonke umuntu uyalibona lelo tshe.
“Asiwadingi amatshe amahlanu, sidinga elilodwa nje kuphela,” kusho lo mqeqeshi.
