Ezintsha

Kuvela okuqhilikise izihlathi kuSeema yize ehluliwe

ISiwelele ithole induku ka 1-0 kwi-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership obuseToyota Stadium, eBloemfontein. 

Bese kungokwesithupha emidlalweni eyisishiyagalombili ezikaLehlohonolo Seema zihlulwa kule sizini, okuzishiya zisendaweni ka-15 kwilogi. 

Kungenzeka zehlele emsileni welogi uma iChippa United ingahlulwanga yiSekhukhune United ngoLwesithathu ebusuku. 

Yize isimo singesihle eqenjini, uLehlohonolo Seema ubonakale futhi wezwakala engakhathazekile ngesikhathi ekhuluma ngemuva komdlalo.

“Okungijabulisayo wukuthi uma singadlala kanje nasemdlalweni olandelayo, nakanjani sizoyithola iwini,” kusho yena.

Nokho iLisenethini isithole ngabasondele naleli qembu ukuthi injabulo yakhe beyingadalwanga indlela iqembu elidlale ngayo nje kuphela. 

“Uma kuwukuthi umnake kahle, ngisho nangesikhathi umdlalo uqhubeka, ubelokhu emoyizela nje,” kusho umthombo.

“Uzokhumbula ukuthi kuxoshwe isitha sakhe esikhulu ebesenza kungasebenzeki kahle kuye ngakho izinto sezingcono kakhulu kuye.”

Ngempelasonto, usihlalo weSiwelele uCalvin Lee John umemezele ukuthi leli qembu selihlukane noStan Mathews no-Andre Arendse.

UMathews ubeyisikhulu esiphezulu kanti u-Arendse ubeyiphini likaSeema. Izizathu zokuxoshwa kwabo kuthiwe kungoba izimpilo zabo bezisengcupheni. 

Bahamba nje bekusanda kuvela amahlebezi okuthi uMathews uyinkukhu nempaka noSeema obekwenza ukusebenzisana kube nzima. 

Kuze kwavela ukuthi uMathews ubemkhuluma kabi uSeema kubadlali uma kunemihlangano, obekwenza kucace ukuthi akamfuni ufisa nokumxosha.