EzintshaOrlando Pirates

OweMilford uphawula ngenselelo yokuvula isizini ngePirates

Iqembu elingomakoti kwiBetway Premiership, iMilford FC libhekene nokubhabhadiswa ngomlilo njengoba lizoqala umkhankaso walo nompetha i-Orlando Pirates.

Ngokohlelo lwemidlalo yalesi sigaba, iMilford izovakashela iPirates e-Amstel Arena ngosuku lokuqala lwesizini – u-Agasti 1.

Leli qembu laKwaZulu-Natal linyukele esigabeni esikhulu ngemuva kokunqoba emidlalweni yokuhlunga, lapho liqede khona phezulu kuneMagesi FC neCape Town City.

Umqeqeshi, uXhanti Pupuma uvumile ukuthi iqembu lakhe alibhekiwe, kodwa uthi abadlali bakhe kumele bangesatshiswa yilo mdlalo.

“Bekuvele kuzodingeka sibhekane nabo ngelinye ilanga, akunjalo?” kusho uPupuma ki-iDiski Times.

“Kunzima ngoba sidlala nompetha ngosuku lokuqala, kanti thina singena esigabeni esikhulu ngokudlula kweyokuhlunga. 

“Kodwa ke siyayamukela leyo nselelo,” kuqhuba lo mqeqeshi obuye asebenze njengoDokotela.

Uqhube wathi ufisa ukuthi abadlali be-MIlford ufuna badlale ngendlela abayijwayele bengasatshiswa yigama le-Orlando Pirates.

“Engikufisayo nje wukuthi singathwalwa wumoya walo mdlalo. 

“Uma sithola ibhola, kumele sidlale ibhola lethu ngendlela esijwayele ukuyidlala, noma kungaba yizikhathi ezimbalwa emdlalweni. 

“Sizobona ukuthi kuzohamba kanjani,” kwengeza uPupuma obuye abe ngusihlalo waleli qembu.

Njengoba i-Orlando Pirates yenze izinguquko ezinqala nje eqenjini layo, i-Milford kuzomele izibambe ziqine.