
Okwenza oweSafa ahohoze ngokuqala kweVAR
Inhloko yonompempe kwiSouth African Football Association (Safa), u-Abdul Ebrahim isiphawule ngamathuba okuqaa kweVideo Assistant Referee (VAR) kuleli.
Kubhekwe ngabomvu ukuqala kwalolu hlelo lwezobuchwepheshe obusiza onompempe kwiPSL.
Nokho ngokwalesi sikhulu seSafa, mancane kakhulu amathuba okuthi lolu hlelo luqale ukusebenza kule sizini ezoqala ngo-Agasti.
Ungqongqoshe wezemidlalo, uGayton McKenzie usevele wabeka eceleni u-R40 million ukuze kuqale ukwethulwa kweVAR ebholeni laseNingizimu Afrika.
Nokho, u-Ebrahim uthe kusamele kutholakale imvume kwiNational Executive Committee (NEC) ye-Safa ngaphambi kokuqala kwe-VAR.
“Sesiyitholile imali kuhulumeni futhi izingxoxo ziyaqhubeka ngezinyathelo ezilandelayo,” kusho u-Ebrahim ekhuluma neSABC Sport.
“Kusamele sithole imvume kwiNational Executive Committee. Uma sesiyitholile, sizobe sesiqala ukuqeqesha abantu abazosebenza ngeVAR.”
Uthe akalindele ukuthi iVAR iqale ukusebenza kusukela ekuqaleni kwesizini entsha.
“Ngesizini ka-2026/27, mancane amathuba okuthi iqale ngokushesha.
“Uma konke kuhamba kahle, singayibona isiqala ukusebenza ezigabeni zokugcina zesizini.”
- FUNDA NALA | IYanga izingela abafunwa uMngqithi kwiPSL
U-Ebrahim uveze ukuthi selikhona ithimba le-Safa eliphethe umsebenzi we-VAR, elizokwazisa umphakathi maduze ngezinhlelo zokwethulwa kwalobu buchwepheshe.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
