
UManqoba Mngqithi ukhale ngamaphutha bededela iDowns
Umqeqeshi weGolden Arrows, uManqoba Mngqithi, useveze imicabango yakhe ngemuva kokuthi iqembu lakhe libambe iqembu lakhe lakudala, iMamelodi Sundowns.
Abafana Bes’thende bakhombise ukuqina ngesikhathi bedlala ngokulingana ngo 1-1 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku.
UManqoba Mngqithi ubephethe Abafana Bes’thende okokuqala kusukela ebuyele kuleli qembu laseThekwini ngemuva kweminyaka engu-11 ekwiDowns.
Ubonakele umehluko omncane kwi-Arrows njengoba isebenze ngokuzikhandla okubamba iSundowns ebisinqone imidlalo emine kulandelana kwiligi.
Lo mphumela uyishiye isasendaweni efanyo i-Arrows njengoba bekungumdlalo wayo wesithupha inganqobi.
Nokho lo mphumela ubukeka uzoqinisa ukuzethemba kuleli qembu elidonsa kanzima.
Ngemuva komdlalo uManqoba Mngqithi uzwakalise ukuphatheka kabi, wathi iqembu lakhe belingawunqoba lo mdlalo.
Ukhale ngobuthuntu phambi kwamapali, athi buvimbe ukuthi bathole umphumela omkhulu kulo mdlalo obuseMpumalanga Stadium.
“Anginaso isiqiniseko sokuthi ukudlala ngokulingana kuwumphumela ofanele lomdlalo,” ushokanje kwabeSuperSport TV.
“Into engiyaziyo wukuthi sidlalile, sikwenze konke okusemandleni ethu.
“Futhi size saba namathuba ambalwa ngasekupheleni komdlalo ebesingasinqoba ngawo.”
Uvumile ukuthi ukuthathwa kwezinqumo okungekuhle nokusebenza nokugqoza kwamava kwehlise iqembu lakhe ngezikhathi ezibalulekile.
“Uma ngikhuluma iqiniso, ngicabanga ukuthi sinikeze abalandeli umdlalo omuhle kakhulu.
“Nginesiqiniseko sokuthi bawujabulele umdlalo omuhle webhola, futhi kimina, yilokho okubaluleke kakhulu,” kwengeza yena.
Lo mphumela wenze i-Arrows yaqhubeka yahlala endaweni ka-11 ngamaphuzu angu-21 emidlalweni engu-17.
Khonamanjalo iSundowns isaqhwakele ngamaphuzu angu-55 emidlalweni engu-21, nakuba igebe ehola ngalo i-Orlando Pirates lehlele kumaphuzu angu-16.
UManqoba Mngqithi uzoba nesikhathi esengeziwe sokusebenza nge-Arrows njengoba ingenamdlalo kule mpelasonto.
- FUNDA NALA | USibisi uncome abafana abancane iPirates inqoba
Izoze ibuyele enkundleni ngoLwesithathu seyiyovakashela iPolokwane City eLimpopo emdlalweni weligi.
