Ezintsha

Owe-Arrows uxwayisa izinkunzi zaseGoli ngoNdlovu

Wonke la maqembu kuthiwa aconsa amathe njengoba ehalela umdlali wasesiswini weGolden Arrows, uSiyanda Ndlovu, osefomini enhle kule sizini.

Nokho sekuvele ukuthi uNdlovu unephuphe elikhulu kakhulu kunokuthuthela eGauteng.

Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala, owaziwa ngelikaSkhwishi, ungomunye wabadlali abavelele kule sizini kwiBetway Premiership. 

Kumanje usebe nesandla emagolini ayisishiyagalolunye kuBafana Besthende (ushaye amane, wakha amahlanu). 

Yize i”Big Three” kubikwa ukuthi iyazungeza, ifuna lo mdlali, uMngqithi ugcizelela ukuthi uNdlovu ubheke ukuthuthela e-Europe. 

“Umfana cishe unezifiso ezinkulu kunalokho abantu abacabanga ukuthi kuzomyenga,” kusho uMngqithi kwi-iDiski Times. 

“Uthi uzibona enamandla ngokwanele okuzuza okungaphezulu kokuthatha uhambo lwebhasi olubheke eGoli.”

UNdlovu usephenduke inyama emaqenjini ePSL, futhi lokhu kungenxa yendawo entsha asedlala kuyo. 

  • Ukushintshwa kwendawo adlala kuyo: UMngqithi uncoma uNdlovu ovele wangena khaxa endaweni yakhe entsha ngemuva okumsusa ekudlaleni ophondweni. 
  • Ukuhlonipha umsebenzi: Akafani nentsha eningi evele ingahlaliseki uma seyizwe ngamaqembu amakhulu ayifunayo.
    UNdlovu uzinikele kakhulu ekuhlaziyeni amavidiyo nasekuziphatheni ngobuchule enkundleni nangaphandle.
  • Ukuzithoba: Naphezu kokuwina imiklomelo yoMdlali weNyanga ngoSepthemba/Okthoba noweGoal of the Month, uMngqithi uphawula ukuthi lo mdlali usazithobile. 

UMngqithi uveze ukuthi uyasola amakilabhu amakhulu asebenzisa amaqhinga angcolile ukuphazamisa amaqembu amancane uma ewabona ephakama.

Uthi lokhu akwenza ngokuthi bese etshela abezindaba ukuthi ahalela abadlali abathile ukuthi bengabe besahlaliseka emaqenjini amancane. 

“Kulesi sigaba, akukho lutho olubambekayo,” kwengenza lo mqeqeshi. “Abanye, uma sebezwe izinto ezishiwo ngabo bavele badideke… 

“Ngokuphazima kweso bacabanga ukuthi sekumele ubaqashele ibhasi ngoba sebeba bakhulu kakhulu. 

“Kodwa uSkhwishi uyisimangaliso; uyazi ukuthi kungakanani ukuthuthuka okusamhlalele kwiGolden Arrows.”

Ngokumemezela izifiso zikaNdlovu zokuya eEurope, uMngqithi wenze izinto ezimbili.

Uvikela umdlali wakhe ekuthikanyizisweni futhi ukhuphula imali azothengwa ngayo uma kuvela iqembu elimfuna ngampela.