
UMofokeng uphawula ngephenathi enqobise iqembu lakhe indebe
Obengumdlali we-Orlando Pirates, uRelebohile Mofokeng, usedalule obekusemqondweni wakhe ngaphambi kokushaya iphenathi eqenjini lakhe elisha.
UMofokeng ukhombise isibindi eshaya iphenathi yokugcina enqobise iRoyale Union Saint-Gilloise indebe yeBelgian Super Cup.
Lo mdlali waseNingizimu Afrika uqale impilo yakhe eBelgium ngendlela emangalisayo ngesikhathi eshaya iphenathi yokugcina ngemuva kokuthi amaqembu ebambene ngo 4-4 sekukahlelwa amaphenathi.
U-Relebohile Mofokeng ushaye ibhola walifaka ekhoneni eliphezulu, unozinti wahluleka ukulifinyelela kulo.
Kube sekusuka injabulo enkulu kubadlali nabalandeli beSaint-Gilloise.
Uthe ukuwina indebe yakhe yokuqala kuleli qembu kumenze wajabula kakhulu.
“Ngijabule ngoba nginqobe indebe yami yokuqala lapha,” kusho uMofokeng.
“Ngijabulele wonke umuntu ngoba bangamukele kahle kakhulu futhi bangisizile kusukela ngafika.
“Bangisize ngazinza futhi banginika ukuzethemba. Yingakho ngibe nesibindi sokushaya iphenathi.
“Ozakwethu bangabadlali abasezingeni, yingakho sinqobe le ndebe. Singumndeni futhi ngijabule kakhulu ukuba lapha.”
UMofokeng uphinde waveza ukuthi akazange azikhethele yena ukushaya iphenathi yokugcina.
Uthe umqeqeshi u-Artur (David Hubert) nguyena okhethe abadlali abazoshaya amaphenathi ngemuva kokubabona beziqeqesha.
“Umqeqeshi u-Artur usitshelile ukuthi ngobani abazoshaya amaphenathi,” kuqhuba yena.
“Ngicabanga ukuthi banginike yona ngoba bangibonile ngiwashaya kahle ngesikhathi siziqeqesha.
“Ukushaya igoli lami lokuqala emdlalweni wami wokuqala kunginike ukuzethemba okukhulu. Manje sesingaqhubeka.”
Yize ebebonakala ezolile ngesikhathi eshaya iphenathi, u-Relebohile Mofokeng uvumile ukuthi ubenovadlana.
“Ngesikhathi ngibeka ibhola phansi benginovalo oluncane ngoba unozinti mkhulu futhi useke wadlalela iqembu elikhulu.
“Ezimweni ezifana nalezi kudingeka ukuzethemba. Ngishaye iphenathi ngokuzethemba, yingakho ingenile.”
- FUNDA NALA | Okufiswa yiDowns ngoMaseko
Lo mdlali uphinde wachaza nomdanso awenze ngemuva kokushaya iphenathi enqobise iqembu.
“ENingizimu Afrika sijwayele ukugubha ngale ndlela. Ngikhumbule ekhaya, yingakho ngenze lowo mdanso.
“Besike sawenza ejimini, yingakho nozakwethu bengijoyinile ngesikhathi ngidansa.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
