
Owayejica iBucs ukhala ngebhola lesimanje elizelisayo
- Sibongiseni GUMBI
Yize enganqobanga sicoco ngesikhathi eqeqesha i-Orlando Pirates phakathi kuka-2004 no-2006, uKosta Papic ungomunye wabaqeqeshi abakhunjulwa ngentokozo ngabalandeli baleli qembu.
Ukhunjulwa ngebhola elimnandi elalidlalwa yiPirates ngesikhathi sakhe ehlome ngabadlali abafana noGift Leremi, Benedict Vilakazi noJoseph Makhanya phakathi kwabanye.
Ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide muva nje, uPapic uveze izinkumbulo ezinhle anazo ngaleli qembu laseSoweto.
Uthe kuze kube manje usahlangana nabalandeli abambuza ukuthi kanti ubuyela nini kwiPirates ngoba bekhumbula ibhola ayelidlala.
“Uma ngiya ezizitolo, noma kwezinye nje izindawo, abantu bayangimisa bangibuze ukuthi ngibuyela nini kwi-Orlando Pirates,” kusho uPapic.
“Okwesibili abakushoyo wukuthi, ‘sifuna ukuphinde sibobe leliya bhola owawulidlala’.”
Uqhube wathi uyakuqonda okwenza abalandeli bakhumbule izinsuku zakudala ngoba ibhola lesimanjemanje liyabhora.
“Ngiyakuqonda abakushoyo ngoba ibhola lamanje liyabhora, angikwazi ngisho ukulibuka kumabonakude.
“Leli bhola elidlalwa manje lishoda ngezinto eziningi. Uma ngiqoqa nje, isikhathi esingu-70% emdlalweni ibhola libuyiselwa emuva. Bhola lini nje lelo?,” kwengeza lo mqeqeshi.
Ngesikhathi sakhe, lo mqeqeshi wayedume ngento ayevamise ukuyisho yokuthi indlela engcono yokuvala emuva wukuhlasela.
Iqembu lakhe lalihlezi liya phambili ngesivinini futhi abadlali abakwazi ukujika bevunyelwe ukukwenza lokho kodwa uma bezobheka phambili.
