EzintshaOrlando Pirates

USeema ubika isimo seSiwelele ‘ekhendlwe’ yiPirates

Umqeqeshi we-Siwelele FC, uLehlohonolo Seema usephawule ngesimo seqembu lakhe elisanda kukhendlwa yi-Orlando Pirates.

Uveze ukuthi iqembu lakhe libhekene nomsebenzi onzima wokwakha kabusha njengoba lilahlekelwe abadlali abamqoka kuleli windi lokuhwebelana ngabadlali.

ISiwelele ingelinye lamaqembu ashayeke kakhulu njengoba iPirates ifike nezindodla zemali, yathatha uNeo Rapoo, uGamphani Lungu noBohlale Ngwato.

I-Orlando Pirates iphinde yasayina no-Aphiwe Baliti, kodwa yabuye yambolekisa kuyo i-Siwelele kule sizini ezayo.

Ngaphezu kwalokho, kubikwa ukuthi umdlali wasesiswini onethonya elikhulu, uGape Moralo, usondele ekujoyineni AmaZulu FC.

Abadlali ebibabolekile ngesizini edlule, oSamkelo Zwane noHappy Mashiane babuyele kwiKaizer Chiefs ngemuva kokuphela kwesivumelwano, okushiye izikhala eqenjini.

“Namuhla usuku lwethu lokuqala sibuyela emsebenzini,” kusho uSeema.

“Abadlali basavivinywa ngezindlela ezahlukene ngaphambi kokuthi siqale ngokugcwele.

“Sifuna ukubona ukuthi bakuphi, ikakhulukazi abadlali abasha. Sinabadlali abaningi abavela kumaligi amancane futhi kumele sibahlole kahle.”

USeema uvumile ukuthi kuzodingeka basebenze kanzima ukuze laba badlali bafinyelele ezingeni elidingekayo.

“Kumele siqinisekise ukuthi basesimweni esifanele, bayakwazi ukuncintisana futhi bangalisiza iqembu,” kuqhuba yena.

I-Siwelele nokho ikwazile ukubopha umdlali wasesiswini osebenza kanzima, uGrant Margeman, ngenkontileka entsha.

Kodwa ukukhendlwa yi-Orlando Pirates kuyishiye ilimele, kodwa ihleka yodwa njengoba ibomvu yimali.