
Owayedlala kwiRoyal AM uveza okwaholela ekupheleni kwayo
UMoffat Mdluli – ongomunye wabadlali abahlala isikhathi eside kwi-Royal AM – uthi akazange amangale ngesikhathi le kilabhu iphela.
Uthi indlela iqembu elaliphethwe ngayo yayingafanele futhi yayingeke yenze le kilabhu ikhule.
UMdluli ukholwa ukuthi umnikazi weqembu, uShauwn Mkhize, wazifaka enkingeni ngezindlela zokuphatha.
IRoyal AM yasuswa kwiPremier Soccer League ngemuva kokuba iqedwe yiSARS.
Lokhu kwenzeka ukuze kubuyiswe imali eyayikweletwa nguMkhize.
UMdluli uthi abadlali babengaphathwa ngendlela efanele.
Uveze ukuthi wake wazithola esekhishwe eqenjini ngaphandle kokwaziswa.
“Cabanga usaseqenjini namhlanje, ngakusasa awusekho,” kusho uMdluli.
“Kwakufanele kube khona ongitshelayo ukuthi ngikhishelwe ngaphandle ngenxa yesinqumo esithile.
“Noma babengangiqambela amanga, kwakungcono kunokungangitsheli lutho.
“Ngafika enkundleni ngazi ngiyodlala, uma ngifika ngathola sengikhishiwe eqenjini.”
Uthi lokho kwakuphazamisa isimo somqondo womdlali.
“Uma lowo odlala endaweni yakho elimala bese kufanele ungene, uzokwazi yini ukudlala kahle?”
“Ngokwengqondo usuke ungakulungele,” kuqhuba le nsizwa eyayilidovola esiswini.
Uthe lezi yizinto ezincane, kodwa zinomthelela omkhulu eqenjini.
UMdluli uthi izinto zashintsha ngesikhathi i-Royal AM ikhushulelwa esigabeni esiphezulu.
Uthe kwafika abantu abaningi ababeqala ukuzibandakanya neqembu kodwa sebezenza ongoti bokuphathwa kwalo.
“Kwafika abantu abaningi ababeluleka usihlalo (uShauwn Mkhize). Labo bantu babengekho ngesikhathi sisekwiNFD.
“Sasingabazi nokuthi bangobani. Babengabantu bebhola? Cha,” kuqhuba le nsizwa.
- FUNDA NALA | UDa Cruz ucacisa ekaCele kwiChiefs
UMdluli uthi akamangali ngokuthi iqembu lagcina liwile.
“Lapho iqembu ligcine khona namuhla akusona isimanga,” kusho yena.
“Ngokweqiniso, konke lokhu bekubonakala ukuthi kuzogcina kwenzekile.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
