
UJunior uveza indawo ababheke ukuyiqinisa kwiChiefs
UKaizer Motaung Junior, obhekele ukuthengwa abadlali kwiKaizer Chiefs, uzibophezele ekuqiniseni iqembu kuleli windi lokudayiselana ngabadlali.
Ekhuluma nabezindaba eNaturena ngoLwesine ekuseni, uMotaung Junior uthe akanazo izaba zokuthi kungani bengeke baqinise.
“Angifuni ukuza nezaba. Angifuni ukuza manje ngithi yiwindi elinzima, amakilabhu awafuni ukukhulula abadlali bawo.
“Kungakhathaliseki ukuthi uJanuwari noma uJuni, kuyafana. Amakilabhu afuna ukubambelela kubadlali bawo.
“Okwethu ukuhlonza, ukuxoxisana nokuthenga umdlali esimdingayo.
“Lowo ngumthwalo wethu,” kusho uMotaung Junior ekhuluma nabezindaba ngoLwesine ekuseni ekomkhulu leChiefs eNaturena.
UMotaung Junior uthe kuzogxilwa kakhulu ekuqiniseni ukuhlasela kwabo okungahambi kahle kule sizini.
Abafana abancane uWandile Duba noMduduzi Shabalala yibo abasakhombise ukuthembisa futhi bawuthwala umsebenzi wokushaya amagoli kuze kube manje.
Abadlali abadala okufanele ngabe iqembu lithembele kubo ngamagoli, abafana noRanga Chivaviro no-Ashley Du Preez bahlulekile.
“Ngalokho esengikushilo,” kwengeza uMotaung Junior. “Phambili yiyona ndawo – kusukela ekuqaleni kwesizini – ebilokhu isikhathaza.
“Sifuna amagoli… Sifuna amagoli futhi asifuni ukungenelwa amagoli emuva.
“Ngakho-ke, ngicabanga ukuthi leyo yindawo eyodwa amakilabhu amaningi, minyaka yonke – emazweni ngamazwe nakuleli- abheke ukuba ngcono kakhulu kuyo.
“Sibheke phambili, sihlonza abadlali esingaqinisa ngabo ekuhlaseleni kwethu.
“Siyawakha impela amathuba okushaya amagoli, futhi sadlala ibhola elihle…
“Sisayine umdlali oyedwa kuphela ohlaselayo futhi siyawubona wonke umsebenzi omuhle owenziwa yithimba labaqeqeshi.”
IChiefs imataniswa nabahlaseli abambalwa okubalwa kubo no-Oswin Appolis wasePolokwane City.
