AmaZuluEzintsha

AmaZulu nomlayezo ‘kwahalela’ uNgwenya

Sekuvele isexwayiso esikhishwe AmaZulu FC esibheke emaqenjini okuthiwa ahalela umgadli wawo u-Thandolwenkosi Ngwenya.

Imibiko ithi Usuthu alunazo izinhlelo zokudayisa  lo mgadli walo oshisa izikhotha okwamanje, yize kunentshisekelo ekhulayo ngaye.

UNgwenya uqale isizini ngendlela encomekayo, eshaya amagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni eyisikhombisa kuyo yonke imiqhudelwano.

Lokhu sekumenze waqala ukubhekwa ngelinye iso ngamaqembu amakhulu, phakathi kwawo okukhona iRaja Athletic Club yaseMorocco, neScotland FC yangakubo eZimbabwe. 

Ngokubika kweThe Citizen, imithombo esondelene noSuthu ithi ikilabhu ayicabangi nakancane ukumdayisa njengamanje.

U-Thandolwenkosi Ngwenya uphinde wakhombisa ukubaluleka kwakhe ngeSonto ngesikhathi eshaya igoli elisize AmaZulu anqoba iMarumo Gallants ngo-1-0 kwiBetway Premiership.

Ngenxa yendlela ashaya ngayo amagoli, kulindeleke ukuthi intshisekelo kuye iqhubeke nokukhula. 

Kodwa Usuthu aluzimisele njengamanje ukulalela nanoma yiziphi izicelo ezingafika ngaye.

“Cha, lokho ngeke kwenzeke. Akadayiswa ngalesi sikhathi sesizini,” kusho lo mthombo.

“Futhi angicabangi ukuthi ikilabhu izolalela izicelo ngisho nangoJanuwari.”

Leli qembu laseThekwini liqale kahle kakhulu kwiBetway Premiership, lanqoba imidlalo emine kweyisithupha yokuqala. 

Lokhu kulibeke endaweni yesithathu kwilogi ngamaphuzu angu-13.

Umthombo uthi asikho isizathu sokuthi leli qembu lidayise uNgwenya njengoba nawo emdinga kakhulu.

“Kungani ikilabhu ingamdayisa manje kanti nayo iyamdinga? Akunangqondo ukumdayisa ngalesi sikhathi,” kuqhuba umthombo.

U-Thandolwenkosi Ngwenya ubukeka ezimisele ukuqhubeka nokuhlala eThekwini, kanti AmaZulu nawo afuna ukumgcina kuze kube sekupheleni kwesizini okungenani.