
IChiefs iya eThekwini, izodlala emithathu khona
IKaizer Chiefs isikuqinisekisile ukuthi izodlala imidlalo emithathu yasekhaya yeBetway Premiership eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoDisemba nangoJanuwari.
IChiefs ijwayele ukuheha izinkumbi zabantu nomaphi lapho iya khona kuleli.
Futhi njengamanje leli qembu likaNasreddine Nabi likudinga konke ukwesekwa elingakuthola njengoba insimbi ithanda ukushisa kulo.
Amakhosi asanqobe imidlalo emine kuphela kweyishumi kuyo yonke imiqhudelwano kuze kube manje kule sizini.
Aphinde ahlulwa ngo 2-0 ekuhambeni kowePremiership yiPolokwane City ngeSonto.
IChiefs isidlale imidlalo emibili kuphela kweyasekhaya eGauteng kule sizini.
Ibhekane neMamelodi Sundowns eFNB Stadium kowePremiership la ihlulwe khona ngo 2-1.
Iphinde yabhekana nalezi zinkunzi zasePitoli koweCarling Black Label Knockout, yahlulwa ngo 4-0.
Iqembu likaNabi lidlale imidlalo yalo emibili yokugcina yasekhaya ePeter Mokaba Stadium ePolokwane.
Lianqobe ngo 2-1 kwiRichards Bay ngaphambi kokuthi lingenelwe ngamagoli amabili lidlala ngokulingana ngo 2-2 neRoyal AM.
Umdlalo olandelayo iChiefs ezowudalela eFNB Stadium ungoJanuwari 8 lapho izobe ibhekene khona neStellenbosch FC.
