DStv Premiership

Okwenze uSinoxolo Kwayiba akhale ebhubhisa iDurban City

USinoxolo Kwayiba nguye oshaye womabili amagoli kulo mdlalo obuseBuffalo City Stadium ngoMgqibelo ntambama.

Nokho ubonakale enomunyu ngesikhathi eqeda kushaya igoli lokuqala. Kubele kwacaca ukuthi kukhona okungamphethe kahle emoyeni.

Phela uSinoxolo Kwayiba uqale isizini engomunye wabadlali abasha be-Orlando Pirates futhi kubhekwe lukhulu kuye. 

Naye kufanele ukuthi ubezitshela ukuthi leli yithuba lakhe lokuvelela eqenjini elikhulu.

Kodwa ubuyiselwe kwiChippa unomphela ngoJanuwaro esadlale imidlalo embalwa kwiPirates – okuyinto okucacayo ukuthi yamphoxa kakhulu.

“Ngibonga uMdali ngalesi sikhathi. Ngijabule kakhulu,” kusho uKwayiba ngemuva komdlalo aqokwe njengoMdlali oVelele kuwo.

“Ngizwa nomunyu kodwa akusona isikhathi salokho lesi. Ngijabule kakhulu impela.

Ubuziwe ukuthi kungani ebekhala ekubeni eqeda kwenza umsebenzi omuhle kangaka. 

“Okungenza ngijabule wukuthi izimo ezinjena kade zenzeka emsebenzini wami webhola.

“Kodwa bese siside isikhathi ngagcina ukudlala kodwa manje sengibuyele ekhaya – ngiyadlala ngishaya namagoli.

“Ngiyazazi ukuthi nginekhono lokushaya amagoli. Yilokho okungijabulisayo. Nangesikhathi ngijabulela igoli bengikhala ngaphakathi ngoba ngizwa umunyu.” 

Njengoba esebuyele emgqigqweni wakhe owaheha iPirates, uKwayiba uzokwethemba ukuqhubeka nokuqhulula amagoli. 

Emdlalweni olandelayo, iChippa izovakashela yona iDurban City emdlalweni weNedbank Cup ngesonto elizayo.