DStv Premiership

U-Ertugral uphika eyokusebenzisa izindlela zakudala

Lo somaqhinga onamava uzivikele ngemuva kokuthi iCity ihlulwe ngo 2-1 yi-Orlando Pirates ngoMgqibelo ntambama. 

Lokhu kwelule isibalo semidlalo asehlulwe kuyo kulandelana saya kwemihlanu. 

Izingqapheli zebhola seziqalile ukushaya amakhala ngaye, zithi awukho umehluko afike nawo kusukela ethathe izintambo ku-Eric Tinkler ngoJanuwari.

U-Ertugral, nokho, ukhombe izindima zakhe zakamuva neqembu lesizwe laseTurkey neFifa. 

Usebenze njengomeluleki wezobuchwepheshe futhi wabamba iqhaza kwiNdebe yoMhlaba yeFifa ne-European Championship.

“Ngangiyinhloko yeqembu lesizwe laseTurkey. Ucabanga ukuthi angisaxhumani nebhola?,” kubuza yena. 

“Ngisebenze nabadlali abahamba phambili emhlabeni. Lowo mbuzo uchemile, futhi ngeke ngiwuphendule.”

Uphinde wakhumbuza labo abamngabazayo ngempumelelo yakhe eNingizimu Afrika. 

“Awubheke kuGoogle — kunezindebe eziyisikhombisa ekhabetheni lami,” kuqhuba yena.

U-Ertugral wanqoba izicoco neKaizer Chiefs ne-Ajax Cape Town, okubalwa iCaf Confederation Cup, Absa Cup, neMTN8.

Yize enqobe indondo yomqeqeshi wenyanga ngoJanuwari, iqembu lakhe lithwale kanzima ngoFebhuwari, lanqoba imidlalo emithathu kuphela kweyishumi. 

Ayikanqobi emidlalweni eyisithupha edlule. Ekupheleni kwesizini, u-Ertugral uzongena esikhundleni sokuba ngumqondisi wezokuqeqesha kwiCity.