
Ushaywe ngesithende uSaleng nabanye kweleBafana encane
UMonnapule Saleng uphakathi kwabadlali asebededeliwe esikwatini seBafana Bafana esidlala eyokuhlungela i-African Nations Championship (Chan) kuleli sonto.
Umqeqeshi weqembu leBafana elidlala le midlalo, uMolefi Ntseki umemezele ngoLwesithathu ukuthi usekhulule abadlali abane eqenjini lakhe okubalwa kubo noMonnapule Saleng.
Leli qembu lakhe lizobhekana ne-Egypt ekuhambeni ngeSonto emlenzeni wesibili wokuhlungela iChan.
- ZITHOLE ZISHISA | Cofa la, ujoyine iWhatsApp Group yethu
Umlenze wokuqala, lapho uMonnapule Saleng edlale khona umdlalo ogcwele kodwa wangakwazi ukwenza kahle, uphele zibambene ngo 1-1.
UNduduzo Mhlongo weGolden Arrows, uNaledi Hlongwane weKaizer Chiefs, uMonnapule Saleng no-Azola Tshobeni be-Orlando Pirates bonke bakhululiwe.
Esikhundleni sabo kungene oVictor Letsoalo weTS Galaxy, uMondli Mpoto noLevy Mashiane beRoyal AM.
“Ngesikhathi sifika ekhempini, sbhekisise iqembu,” kusho uNtseki. “Besifuna ukubona ukuthi ubani odlalayo nokuthi ubani ongcono nokuthi yiziphi izindawo ezishodayo.
“Njengoba senza lokho, siphinde sasebenza esakhiweni seqembu.
“Sibonile ukuthi ngemuva komdlalo obuseBloemfontein, kunezindawo ezithile obekudingeka siziqinise.
“Ngakho-ke, sidedele abadlali abambalwa abebeze ekhempini ngesonto eledlule.
“Silethe abadlali abambalwa ngenhloso yokubhalansisa kahle iqembu.
“Sibongile kulaba badlali, sabe sesibakhulula ukuba babuyele emakilabhini abo.”
UNtseki neqembu lakhe baya e-Egypt ngoLwesine kanti uthi uzonikeza abanye abadlali ithuba lokuziveza eqenjini leChan.
“Abadlali abalapha bazosinika ibhalansi enhle kakhulu,” kwengeza uNtseki.
“Sibheke ngabomvu ukunikeza abanye abadlali ithuba elifana nalaba abanikezwe ithuba bedlala ne-Egypt emlenzeni wokuqala.
- FUNDA NALA | UManqoba Mngqithi ukhale ngamaphutha bededela iDowns
“Benze kahle futhi sinethemba elikhulu ngalokho esinakho esikwatini esiya e-Egypt.”
