
UDansin akakholwanga kwayena eshaya igoli elagila iDowns
Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uCemran Dansin, usephawule ngesimanga segoli lakhe elimtholele umklomelo weBetway Premiership Goal of the Month.
UCemran Dansin wadedela elihle ishodi engaphandle kwebhokisi ngesikhathi iPirates ibambana ngo 1-1 neMamelodi Sundowns ngoNovemba 1.
Leli goli lamakhela igama hhayi kuleli kuphela kodwa nakwamanye amazwe futhi livotelwe laba ngeligqamile ngoNovemba/Disemba yithimba elizimele lezintatheli zePSL.
Ekhuluma nabezindaba zePirates, uDansin uthe akasoze asikhohlwa isikhathi ashaye ngaso leli goli elimangalisayo.
“Kusho lukhulu kimina ngoba akekho obelindele igoli elimangalisayo emdlalweni obaluleke kanjeya.
“Bekuyisikhathi esikhethekile kimi futhi asisoze salibaleka,” kusho uDansin.
UCemran Dansin ukhuphuke ngokushesha esuka ebholeni labadlali abasathuthukiswa waya eqenjini elikhulu kusukela ejoyine iPirates ngesizini ka-2023/24.
Ukusebenza kwakhe okuqinile kweDStv Diski Challenge kumtholele ithuba leqembu lokuqala ngasekupheleni komkhankaso ka-2024/25.
Udlale umdlalo wakhe wokuqala esuka ebhentshini ngesikhathi benqoba ngo 3-0 koweligi behlula iGolden Arrows.
Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala usedlale imidlalo eyishumi esigabeni esiphezulu kuyo yonke imiqhudelwano kumaBhakabhaka.
UDansin uvumile ukuthi ukuphumelela kwakhe ngokushesha eqenjini elikhulu kumshiye emangele kwayena.
“Bengingalindele ukudlalela iqembu lokuqala ngokushesha kanje, kodwa ngalibamba ngokuziqhenya ithuba lami,” kusho uDansin.
Kulindeleke ukuthi aqale umdlalo uma iPirates isibhekene neCarling All Stars eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.
Lo mdlalo weCarling Cup uqala ngo-3 ntambama kanti kubhekwe iPirates isebenzise abadlali abangajwayele ukudlala.
Njengamanje abadlali abayisishiyagalolunye bePirates basekhempini yeBafana Bafana kanti ngeke kulo mdlalo waseThekwini.
FUNDA NALA | AmaZulu asemtholile umqeqeshi weleDDC
Lokhu kunikeza abadlali abancane ithuba lokuhlaba umxhwele umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou futhi bathole imizuzu ebalulekile enkundleni.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
