
Ishiye izimbangi zinkemile iChiefs uChisslett eqoma yona
U-Ethan Chislett usendleleni eza kwiKaizer Chiefs futhi Amakhosi abe nenhlanhla ukuthi lo mdlali wasesiswini aqoke wona njengoba kade ebangwa nje.
Imenenja yakhe, uMike Makaab, usedalule ukuthi lo mdlali ukhethe iKaizer Chiefs kunezimbangi zaseNingizimu Afrika neqembu laphesheya.
Ngokusho kukaMakaab, i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns kuleli, neMotherwell edlala kwiScottish Premier League bebezibhekile kulo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala.
Nokho, ekugcineni kube Amakhosi anqoba umbango wokumsayina. UChisslett uzokwethulwa eNaturena maduze.
“Sibe nesicelo esibhaliwe esivela kwiMotherwell – esihle nje impela,” kusho uMakaab kwi-Extra Time yeGagasi FM.
“Inhliziyo ka-Ethan beyizimisele ngokubuyela eNingizimu Afrika, futhi iqembu abelifisa yiKaizer Chiefs.”
UChisslett wazalelwa eThekwini, kodwa wakhulela e-UK futhi uchithe iminyaka embalwa edlule ezibonakalisa kumaligi aphansi ase-England.
Kodwa manje, ngenkontileka yeminyaka emibili eNaturaenna – ehambisana nombandela wokuyelula – usezogijima kwiBetway Premiership.
Okunye obekungaziwa ngoChislett wukuthi ulandela ezinyathelweni zikayise, uDonovan, owayengumdlali weManning Rangers.
“Ngangiyimenenja kayise,” kuqhuba uMakaab.“UDonovan wayengumdlali wasemuva ogijima kanzima.
“U-Ethan yena? Unekhono elihle kakhulu, unekhono elengeziwe. Ngaze ngancokola noyise ngimbuza ukuthi engabe walifuza kubani leli khono elinjena.”
Ukusayina kweKaizer Chiefs uChislett kube yinto enkulu kwazise ihlule amaqembu asevamise ukubukisa ngayo emakethe – iPirates neSundowns.
“Ukhethe iChiefs ngoba ekholwa ukuthi yilapho angagqama khona, akhulise umsebenzi wakhe mhlawumbe adonse namehlo abaqoki beBafana Bafana.”
Umbango wokusayina uChislett isiphelile. Manje sekubhekwe azokukhipha enkundleni.
Ngabe uzokwazi ukuba ngu‘Msindisi’ lo abalandeli baMakhosi ababheke abe nguye?
