EzintshaOrlando Pirates

IPirates izosifeza isifiso sowe-Orbit, ize imbhansele

Futhi, ngokuthola kweLisenethini, uzoze athole nombhanselo ngaphezulu njengoba i-Orlando Pirates ingase imnike nabanye abadlali.

Umthombo uthe iPirates njengoba inabadlali abaningi nje, kukhona abanye okungase kubolekiswe ngabo ukuze bathole isikhathi sokudlala. 

Uthi kodwa okwamanje umqeqeshi usazobanika isikhathi bonke abadlali, abone kahle ukuthi uzobasebenzisa kanjani.

Kuzothi labo angeke abasebenzise kakhulu, bese ecela ikilabhu ukuthi ibatholele kwenye indawo abazodlala khona. 

“Uzokhumbula ukuthi iPirates isayine ngampela ekubeni kunanabadlali abebebolekiswe emaqenjini ehlukene.

“Njengoba bebuyile nje kuyabhuza futhi ngeke umqeqeshi abamele bonke,” kusho umthombo.

“Usahlonza kahle njengamanje njegoba eseqalile nje. Uzokhetha angeke abadinge bese kubonakalala ke bayaphi.

“I-Orbit izoba nenhlanhla ngoba banobudlelwano obuhle futhi isazodinga abadlali abanamava ukuqinisa ngakho ingase ibathole kalula.

Kulabo badlali kukhona abafana noGoodman Mosele, uSonwabo Khumalo, uSiphelo Baloni  noSelaelo Rasebotja.

Nabanye abafana noKarim Kimvuidi, uZakhele Lepasa, uThuso Moleleki noGilberto kungenzeka babolekise. 

UGilberto bekuke kwavela ukuthi uzobuyela kwiPetro de Luanda abebolekiswe kuyo nakule sizini.

Kodwa ngathi abaphathi bakhala ngokuthi ngeke alijwyele ibhola laseNingizimu Afrika uma elokhu engakubo e-Angola.

Lo mdlali i-Orlando Pirates imthenge kwiPetro Luanda, kodwa wahlala izinyanga eziyisithupha kuyo wabe esebuyiselwa kuyo ngoba kunzima ukujwayela eNingizimu Afrika.

Nejezi ubengalitholi njalo. Kodwa manje umthombo uthi uma umqeqeshi omusha, u-Abdeslam Ouaddou engazumsebenzisa, uzobolekiswa khona kuleli.