EzintshaOrlando Pirates

IGallants iconsa amathe ngongase aqathazwe yiPirates

UPhillip Ndlondlo oneminyaka engu-30 ubudala usezophelelwa yinkontileka yakhe kwi-Orlando Pirates kanti leli qembu kuthiwa belingakasho lutho ngokuyelula.

Imithombo esondelene nawo womabili la makilabhu atshele iSoccer Laduma ukuthi iGallants izimisele ngokubuyisa lesi sihlabani sayo sakudala, uma singatholakala. 

UNdlondlo ujoyine i-Orlando Pirates ngesizini ka-2022/23 ngenkontileka yeminyaka emithathu kodwa wafike wadonsa kanzima ukuthola ijezi.

“Bayamfuna uPhillip Ndlondlo. Ungumdlali wabo wakudala futhi iqembu limazi kahle. 

“Yingakho bekholelwa eukutheni ufanelwe elinye ithuba nabo,” kucashunwe umuntu ongaphakathi esho kanje.

Yize i-Orlando Pirates ingakakuqinisekisi ngokusemthethweni ukukhululwa kwakhe, imibiko eminingi iveza ukuthi usendleleni ephumayo. 

IGallants kuthiwa ilinde ukuqinisekiswa ngaphambi kokuthatha isinyathelo esisemthethweni.

“Bafuna abuye, kodwa bazobuka okwenzeka kwiPirates kuqala. Uma izinto sezicacile, bazonquma abazokwenza,” kwengeza umthombo wesibili.

UNdlondlo wagqama wkiMarumo Gallants, ngaleso sikhathi eyayaziwa ngeTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM).

Ukudlala kwakhe kahle maphakathi nenkundla kwamenza waheha amaqembu amaningi, umbango wokumsayina wanqotshwa yiPirates. 

Manje, njengoba eselizwa ngendaba nje ijezi, iGallants yona idinga abadlali abanamava ukuze aqinise iqembu layo.

Ilungiselela ukuqala impilo kabusha ngaphansi komqeqeshi omusha u-Alexandre Lafitte.

Ukuya kukaNdlondlo kwiGallants – noma ngabe ubolekisiwe – kungase kube yilokho kanye lo mdlali akudingayo ukuze avuselele umsebenzi wakhe.