
ISekhukhune isiphawulile ngomdlali wayo osolwa ngikubulala
- Sibongiseni GUMBI
Isigcine iphumele obala iSekhukhune United, yaphawula ngomdlali wayo, uMokete Mogaila osolwa ngokudala ingozi okufe kuyo ingane yesikole eTembisa.
Le ngozi yenzeke eTembisa ngoLwesithathu ekuseni ngesikhathi imoto kaMogaila ishayisana mahlanze neyowesifazane obehamba nabantwana ababili.
Oyedwa kulaba bantwana, oneminyaka eyisishiyagalolunye, ushonele endaweni yengozi kwathi unina nalo omunye baphuthunyiswa esibhedlela.
Sekunevidiyo egcwele ezinkundleni zokuxhumana eveza ukuthi yenzeke kanjani le ngozi, futhi kubukeka kuyimoto kaMogaila edale lengozi.
Amaphoyisa aqinisekise ukuthi athole amabhodlela kagologo obizayo nokunye okusolakala ukuthi yizidakamizwa eziqinile emotweni kaMogaila.
“Umndeni weSekhukhune United uyadabuka ukuzwa ngengozi ethinta omunye wabadlali bethu, uShaune Mogaila,” kusho iSekhukhune esitatimendeni.
“Sidlulisa amazwi enduduzo asuka ekujuleni kwezinhliziyo zethu emndenini wengane eshone kulesi sigameko.
“Imicabango nemithandazo yethu iya nakulabo abalimalile, futhi sibafisela ukwelulama okusheshayo.
“Ikilabhu ngeke ikwazi ukuphawula ukwedlula lapha ngalolu daba ngoba selusezithebeni zenkantolo.”
UMogaila, oneminyaka engu-28, kuthiwa uphume nomhuzukwana esiphongweni qede wabaleka endaweni yesigameko.
Nokho ubuye wayozinikela emaphoyiseni ngokuhamba kosuku kanti ubhekene namacala okukhona kuwo elokubulala ngokungenhloso nokutholakala nezidakamizwa.
