
I-Al Ahly igqekeme engeqiwa ntwala ngolukaRiveiro
Iziqhwaga ezinamandla zase-Egypt, i-Al Ahly sezehlelwe umshophi kulandela ukuxosha kwazo uJosé Riveiro ngasekuqaleni kwale sizini.
Lokhu kungemuva kokuthi iFifa iyalele leli qembu ukuthi likhokhele lo mqeqeshi imali elinganiselwa ku-R9.3 million.
Le mali ngeyesinxephezelo ngokuxoshwa kwalo mqeqeshi ozakhele igama kwi-Orlando Pirates isigubhukane.
Lo mqeqeshi waseSpain ushiye amaBhakabhaka waya kwiziqhwaga zase-Egypt ngasekupheleni kwesizini edlule.
Kodwa uhlale isikhashana – uqeqeshe imidlalo eyisikhombisa nje kuphela ngaphambi kokuthi akhonjiswe indlela.
Ngenkathi i-Al Ahly iqale yathi ukuhlukana kwabo kwaba “ngokuvumelana,” iPlayers’ Status Chamber yeFifa inqume ukuthi uRiveiro kumele anxeshezelwe.
ISIKHATHI ESIFISHANE ESIDLE NGOBUBI
Ukusebenza kukaRiveiro eCairo kube ngesinye sezimfishane nesenezinesiyaluyalu kakhulu emlandweni wale kilabhu.
Yize kwaqala kwathembisa ngendlela iqembu eladlala ngayo kwiFifa Club World Cup, imiphumela ayizange ibe mihle.
Uphathe imidlalo eyisikhombisa nje kuphela, wanqoba owodwa, wadlala ngokulingana kwemine wabe esehlulwa kwemibili okuholele ekutheni axoshwe.
ISIKHALO
I-Al Ahly ayikakulungeli ukukhokha le mali okuthiwa iyikweleta uRiveiro okwamanje.
Umeluleki wezomthetho weqembu, u-Abdullah Shehata, ukuqinisekisile ukuthi lolu daba bazoluyisa eCourt of Arbitration for Sport (Cas) ukuze baphikise isinqumo seFifa.
“Lesi sinyathelo sizoqedwa ngemuva kwamasonto amathathu, ngemuva kokuthi iklabhu ithole izizathu zalesi sinqumo.
“Isinqumo asisona esokugcina, futhi kukhona amanye amazinga okumangalela,” kusho le kilabhu.
URIVEIRO USEDLULILE LAPHO
Ngenkathi impi yezomthetho iqhubeka e-EgyptG, uRiveiro useqhubekele phambili nomsebenzi wakhe.
Lo mqeqeshi waseSpain ubuyele endaweni ayijwayele njengoba esesebenza kwiziqhwaga zaseSweden i-AIK.
FUNDA NALA | UKaze nezinhle nezimbi ngabalimele kwiChiefs
KuRiveiro, isinqumo seFifa siwukunqoba okukhulu. Kufakazela ukuthi ukuxoshwa kwakhe kwakungavunyelwananga ngakho.
Kwi-Al Ahly, inhlawulo engu-R9.3 million iyisikhumbuzo esibabayo sobungozi bokupheka ithulula abaqeqeshi ngoba ihubha imiphumela esheshayo.
