Ezintsha

UDaine Klate ukhala ‘ngepolitiki’ ekhinyabeza awePSL

UKlate, oseneminyaka engu-41 ubudala, uziqhayisa ngezindebe ezingu-16 azinqoba esangumdlali.

Uxwayisa ngokuthi nakuba abanikazi bamakilabhu “benothando lokunqoba”, kodwa abanalo uhlelo olucacile oluzokwendlalela impumelelo.

Ukukhungatheka kukaDaine Klate ngalesi simo kuqubuke ngemuva kokuthi eke waqeqesha isikhashana kwiChippa United neDurban City.

Kulapho ebone khona ukungaxhumani nokungabi nombono owodwa phakathi kwabaphathi nokwenzeka enkundleni.

Ngokusho kwale nsizwa eyayidlala ophondweni kwi-Orlando Pirates, impumelelo ayikaze ize kalula. 

Ukhomba umqondisi wodumo uJose Ferreira — owine izicoco neMamelodi Sundowns, iSuperSport United , neWits — njengesibonelo esihle sokuphathwa kweqembu.

“Ngiyazi ukuthi ngizinqobe kanjani izicoco ezingu-16,” kusho uKlate kwiBehing the Boot Podcast. 

“Ngiyazi ukuthi yimuphi umqondo odingekayo ebuholini ngoba ngike ngakubona kwenzeka.

“Uma ungena endaweni futhi ubona ukuthi izinto zenziwa kanjani, kuvele kucace ukuthi akuyona indlela impumelelo evela ngayo.”

UKlate ugqamise “izinkulumo yasemaphaseji” eziyinhlebo ngokuthi yizo ezikhinyabeza amaqembu amaningi kwiPSL. 

Uveze ukuthi emaqenjini amaningi, ukuziqhayisa “nokungezwani” kuhamba phambili okwedlula imigomo yeqembu.

“Kunabantu kulo mdlalo okungafanele ngabe bakhona. Abantu abangaliqondi ibhola kodwa abacabanga ukuthi bayalazi,” kuphawula uKlate. 

“Ngike ngakubona okwenzeka emaphaseji. Yinto embi kakhulu eyenzekayo. 

“Ubizelwa emihlanganweni engahlangenise lutho nalokho ozama ukukufeza ngenkulisa.”

Ukugxeka kukaDiane Klate okugqame kakhulu kuhilela isikhathi sakhe kwiDurban City ngaphansi kukaGavin Hunt. 

Uveze ukwehlukana okuyinqaba phakathi kweqembu elikhulu nenkulisa okukhubaze ukukhushulelwa kwabadlali eqenjini elikhulu.

“Satshelwa ukuthi uGavin akanamandla futhi akanambono eqenjini le(DStv) Diski Challenge,” kwengeza uKlate. 

“Uma umqeqeshi weqembu lokuqala engenawo umbono, ubakhuthaza kanjani abadlali benkulisa?

“Kucace ukungathenjwa, hhayi kwami kuphela kodwa noGavin Hunt uqobo.”

Okukhalisa uDaine Klate kucacile: kuze kube abanikazi bamakilabhu bahlukana “nepolitiki yasemaphaseji“, iBig 3 isazoqhubeka nokudlondlobala yodwa.