
UKaze nezinhle nezimbi ngabalimele kwiKaizer Chiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCedric Kaze, useqinise abalandeli ngesimo seqembu ngaphambi komdlalo omkhulu ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo.
Njengoba amathikithi alo mdlalo oseFNB Stadium edayiswe aphela, amehlo athe njo ethimbeni labaqeqeshi beChiefs.
UKaze uqinisekise ukuthi isimo singconywana ngokwabadlali basemuva njengoba sebeluleme abebelimele.
Kodwa uphinde waqinisekisa ukuthi kubagadli kusadonswa kanzima njengoba bengakalulamio abebelimele.
ABATHEMBISAYO
Isibuyekezo esibucayi kakhulu sithinta omdlali wasemuva maphakathi nenkundla u-Inacio Miguel.
Njengoba ephuthelwe imidlalo embalwa yakamuva, ukuba khona kwakhe kubalulekile ukuze aqinise emuva.
Ukushoda komholi emuva kukholakala ukuthi kube nomthelela ongemuhle kuleli qembu kule midlalo edlule.
“UMiguel uphuthelwe imidlalo embalwa… kodwa uziqeqeshe amahlandla amabili zokuqeqesha neqembu.
“Uzohlolwa namuhla (ngoLwesine) ukuze kubonakale ukuthi uzokwazi yini ukubuyela ekudlaleni ngalo mdlalo,” kuqinisekisile uKaze.
Khonamanjalo uBradley Cross naye usebuyile, kanti lo mdlali wasemuva kwesokunxele usekulungele ukudlala uma eqokwa.
UKUQINA ESISWINI
Kuphinde kwaba nengxube yezindaba ezinhle nezimbi kwiKaizer Chiefs esiswini maphakathi nenkundla:
- USibongiseni ‘Ox’ Mthethwa: Ngemva kokuhlala isikhathi eside eceleni, uMthethwa usebuyile, nakuba engakelulami ngokugcwele.
“U-Ox usezilolonge neqembu kahlanu muva nje. Akakalulami ngokugcwele, kodwa angasisiza,” kuphawula uKaze. - UThabo “Induna” Cele: UCele usekulungele ngokuphelele ukudlala futhi uke wabonakala kancane emdlalweni odlule.
Ukubuya kwakhe kuyayiqinisa iChiefs esiswini ngomdlali onamava noletha indlela ehlukile yokudlala.
EZIMBI
Njengoba kunezithembisayo emuva nasesiswini, igumbi lezokwelapha lisanenqwaba yabadlali:
- U-Etiosa Ighodaro: Lo mgadli usalimele. Akabuyeli ekujimeni neqembu futhi kuqinisekisiwe ukuthi ngeke ayidlale idabhi.
- UGeorge “Mukoko” Matlou: Isizini embi isaqhubeka kulo mdlali njengoba esephinde walimala.
- URushwin Dortley: UKaze ukuqinisekisile ukuthi lo mdlali wasemuva akekho, okwenza kuphele unyaka engadlali njengoba engakalulami.
AMATHUBA ESICOCO
IChiefs iya kulo mdlalo omkhulu ilandela ngemuva kweMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates ngamaphuzu ayisishiyagalombili.
Njengoba zombili lezi zimbangi zehlelwe yofomu, lo mdlalo wangoMgqibelo usufana nowafa-wafa ngezifiso zawo ngesicoco seBetway Premiership.
Ukubuya kukaCele noMiguel kungase kunikeze iKaizer Chiefs ukuqina ebingenakho emasontweni edlule esiswini nasemuva.
FUNDA NALA | UKlate uveza okukhinyabeza amaqembu amancane kwiPSL
Kodwa-ke, njengoba u-Ighodaro engekho, ingcindezi yamagoli isahleli kuFlavio Silva.
Nokwehlelwa yifomu kukaMduduzi Shabalala kushiya amathemba okwakha amathuba amagoli emahlombe ka-Ethan Chislett noGaston Sirino.
