
Okwenze uLepasa ayishaye ngomzimba iDurban City
UZakhele Lepasa uchizele iDurban City ebifuna ukumsayina kulandela ukudedelwa kwakhe yi-Orlando Pirates ngoba inhliziyo yakhe isikwelinye iqembu.
Lokhu kuvele ngesikhathi iLisenethini ilandela udaba lwakhe ngemuva kokuthi umqeqeshi weDurban City uGavin Hunt eveze ukuthi bona abasenendaba nalo mgadli.
ULepasa akanaqembu njengamanje kulandela ukuthi ekhululwe yi-Orlando Pirates abesehlale kuyo iminyaka emihlanu.
IDurban City ngelinye lamaqembu asukume kuqala uma elaxazwa yiPirates, yaveza isifiso sokumsayina.
Kodwa yena kuvela ukuthi akakhombisanga intshisekelo yokujoyina leli qembu laseThekwini njengoba evele wayodlala kwiBafana Bafana ebikwiChampionship of African Nations (Chan).
Lokhu kubukeka kuyinyelisile iDurban City ebicele ukuba eze kuyo izomhlola ngenhloso yokumsayina.
UHunt ubemfuna ngoba uke wasebenza naye kwiSuperSport United ngesikhathi ebolekiswe yiPirates futhi wadlala kahle.
“Angazi ngaye, kodwa ngicabanga ukuthi thina sesidlulile kuye, asisekho lapho,” kusho uHunt kade ebuzwa ngalo mgadli kuleli sonto.
“Okumele ukwenze uma ungumdlali ofuna inkontileka wukuthi uphume ekhempini (yeBafana), akunjalo?”
Nokho manje kuvela ukuthi uLepasa uthenjiswe umsebenzi kwelinye iqembu leBetway Premiership futhi naye inhliziyo yakhe ifisa ukuya kulo.
Umthombo osondelene nalo mgadli usivezele ukuthi angase avumbuke kwiSekhukhune United njengoba ezanyelwa kuyo.
“Uzokhumbula ukuthi ungumngani wokuqina noLinda Mntambo ukaputeni weSekhukhune futhi abakufihli ukuthi bengajabula ukuphinde badlale ndawonye.
“Usazanyelwa kuyo, kanti ubeye kwiChan ukuze ayikhombise ukuthi usesezingeni elifanele, ngeshwa akangasithola isikhathi esanele sokudlala.
FUNDA NALA | IChiefs isabawela unozinti welaseGhana
“Enye into emenza afune ukuhlala eGoli wukuthi kunezinye izinto aseziqalile ukuzenza ebezizophazamiseka uma ethutha,” kusho lo mthombo.
Phakathi kwezinto azenzayo uLepasa ngaphandle kokudlala ibhola, wukuba yinxusa lezimoto zeMahindra.
