
Uvuma iqiniso ngokushiya kukaRiveiro kwiPirates
Umqeqeshi wesikhashana we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi usevume ukuthi ukuhamba kukaJose Riveiro kungenzeka kube nzima kubadlali ngaphezu kobekulindelwe.
UMandla Ncikazi unomuzwa wokuthi i-Orlando Pirates ayizange idlale ngomdlandla wayo ngesikhathi ibhekene neTS Galaxy.
AmaBhakabhaka adlale ngokulingana ngo 1-1 neGalaxy emdlalweni weBetway Premiership obudlalelwa e-Orlando Stadium ngoMgqibelo.
Igoli lokuvula likaBandile Shandu ngomzuzu ka-65 licishwe elikaMpho Mvelase ongene esuka ebhentshini, washaya igoli umdlalo usuphela.
“Silahlekelwe amaphuzu amabili kulo mdlalo. Angicabangi ukuthi sibe nomfutho nokuzethemba okufanayo namuhla ebesaziwa ngakho kule sizini.
“Manje ube usuqala ukucabanga ukuthi sikuphi njengamanje. Yilowo muzwa enganawo ngemuva kwalo mdlalo,” kusho uMandla Ncikazi ngemuva komdlalo.
“Nngicabanga ukuthi sibe namathuba anele kulo mdlalo ukuthi besingashaya amanye amagoli amaningi.”
Ebuzwa ukuthi ngabe ukushiya kukaJose Riveiro eqenjini ngabe akukhona yini okuphazamise abadlali, lo mqeqeshi we-Orlando Pirates uthe kungenzeka.
“Ngalo mphumela, ingqondo yakho idlula ezintweni eziningi,” uphendule ka kulo mbuzo uNcikazi.
“Kungaba yini? Awukwazi ukuba nempendulo eyodwa eqondile. Kungaba yilokho, kodwa angikwazi ukukuqinisekisa lokho.
“Kodwa umqeqeshi (uJose Riveiro) ube nomthelela omkhulu ekilabhini.
“Bengicabanga ukuthi abadlali bazosebenzisa lo mdlalo njengendlela yokugubha impumelelo yakhe nesikhathi asihlale ekilabhini.
“Kodwa indlela abantu ababhekana nayo ngemuva kwendumalo efana nalena ayifani.
“Ngeshwa, anginawo amandla okukulinganisa lokho, kodwa kungaba yinto engenzeka.”
IPirates izophinde ibuyele enkundleni ngoLwesibili isibhekene neSuperSport United ezobe ifuna ukuthola amaphuzu agcwele njengoba ibheke ukugwema ukugawulwa yizembe.
