
U-Allende uyanconcoza ngozakwabo abenza umsebenzi ube lula
UMarcelo Allende ube ngomunye wabadlali abadlala kahle kakhulu kwiMamelodi Sundowns enqobe isicoco sayo sesishiyagalombili seBetway Premiership kulandelana.
ISundowns iqede isizini ngesitayela ngeSonto, ihlula iMagesi FC ngo 2-0, kanti uLucas Ribeiro nguye oshaye womabili amagoli.
Lokhu kwenze lo mgadli waseBrazil wafinyelela kwangu-16 kule sizini, futhi kwamqinisekisa njengomshayimagoli ovelele kwiligi kule sizini.
Kodwa emdlalweni wangeSonto, ngu-Allende obe nomdlalo omuhle, ephethe umdlalo esiswini maphakathi nenkundla, futhi eqinisekisa ukuthi iMasandawana iyazigelezela.
Uqokwe njengoMdlali oVelele kulo mdlalo obuseLoftus Stadium, ePitori ngeSonto ebusuku.
“Lokhu kusebenza kubonise ukuthi sinamandla kakhulu futhi lokhu kuwina bekubalulekile,” kusho lo mdlali wasesiswini odabuka eChile.
Ube esebuzwa ukuthi kungani enomuzwa wokuthi uzakwabo uLucas Ribeiro ufanelwe ukuqokwa njengoMdlali oVelele kwiPSL kule sizini phezu komklomelo womshayimagoli ophambili.
“Nginesiqiniseko esingu-100% sokuthi ungcono kakhulu. Ngiyajabula ukuthi siseqenjini elilodwa naye.
“Wenza izinto zibe lula. Mina okwami ukudlulisela ibhola kuye bese eqhubeka nomsebenzi,” kusho lo mdlali wasesiswini omfishanyana.
“Kusukela maphakathi nenkundla kuya ebhokisini lezimbangi, ukwenza kubukeke kulula uma sihlasela.
“Yingakho ngijabule ngokuba naye eqenjini elilodwa. Ngiyamhalalisela ngokuba ngumshayimagoli ophambili.
“Ngimhalalisela nangesizini enhle. Ngijabule ngabo bonke abagadli esinabo eqenjini.”
U-Allende wakhe elilodwa lamagoli kaRibeiro ngeSonto ebusuku, futhi uthi umenze wabukeka emuhle ngemuva kokuhluleka ukumphasela kahle.
“Ngiyajabula ukuthi ulishayile leli goli. Ukumphasela kwami bekukubi impela kodwa wakwazi ukushaya igoli noma kunjalo. Muhle kakhulu.”
