
Iwenzile umsebenzi enkundleni iDurban City, sekusele kwiPSL
I-Durban City igubhe ukukhuphukela kwayo kwiBetway Premiership ngemuva kokuhlula iCape Town Spurs ngo 1-0 emdlalweni wayo wokugcina.
Lokhu kwenzeke naphezu kokuthi kusafanele isazolinda kuze kube uLwesibili ukuze yazi ukuthi ingompetha ngempela yini beMotsepe Foundation Championship.
Kusenecala elisazoqulwa la besolwa khona ngokusebenzisa umdlali ongabhalisiwe ngendlela efanele.
Umqeqeshi we-Durban City, uSimo Dladla, ukujabulele ukuthi yena uwenzile owakhe umsebenzi wakhe enkundleni.
Lokhu yize bengakazi ukuthi kuzophuma siphi isinqumo ecaleni elizoqulwa ngoLwesibili okulapho kuzonqunywa khona ngekusasa labo.
URuzaigh Gamaldien nguye oshayele i-Durban City igoli lokunqoba kulo mdlalo obuse-Athlone Stadium eKapa ngeSonto ntambama.
“Umdlalo uhambe ngendlela ebesiwubheke ngayo – besazi ukuthi bazofika befuna ukuwunqoba,” kusho uSimo Dladla ngemuva komdlalo.
“Kodwa nathi besidinga ukuyinqoba yize ukudlala ngokulingana bekusazosiqinisekisa ukuthi siyakhuphukela esigabeni esiphezulu.
“Igoli silithole ngesikhathi sicindezelekile ngoba bebephushela phambili kuyibo abafuna igoli.
“Ngesinye isikhathi, babenabadlali baphambili abahlanu kodwa sakwazi ukugcina isimo nesakhiwo sethu – nakuba besihlezi emuva.
“Bengazi ukuthi sizofika isikhathi la amandla abagadli bethu abathathu azosisiza.
“Ngicabanga ukuthi le mizuzu emine noma emihlanu lapho bebesihlasela khona kubenze bakhululeka emuva – bakhohlwa ukuzivikela.
“Kube sekuthi ngethuba elilodwa nje lokuhlasela ngokuzuma, sakwazi ukuthola igoli,” kwengeza uDladla.
Ngokuma kwezinto njengamanje, i-Durban City iyona engompetha, bese kuthi i-Orbit College neCasric Stars bazoya kweyokuhlunga.
Iqembu eliphuma esigabeni esiphezulu elizojoyina i-Orbit College neCasric Stars kweyokuhlunga lisazophuma kwaweBetway Premiership.
ISpurs neLeruma United bona bagawulwe yizembe futhi sebezoyodlala kumaligi eSafa ngesizini ezayo.
