EzintshaMamelodi Sundowns

Okwenze uNku wodumo kwiSundowns ajoyine eleligi yeSafa

Iqembu laseLimpopo elidlala kwiSAFA Hollywoodbets Men’s Regional League, iSunrise Lite FC, selichaze ngokuba khona kowayengumgadli weMamelodi Sundowns, u-Lesiba Nku.

UNku usehehe amehlo abantu kusukela ethola ithuba lakhe lokuqala kuleli qembu emasontweni amathathu edlule. 

Lo mdlali oneminyaka engu-30 ushaye amagoli amathathu ngesikhathi iSunrise Lite ishaya iTshamutilikwa Fire Boys ngo 5-1 kwiNedbank Cup.

Lokhu kwenze iSunrise Lite yanqoba esigabeni seRegional League, yathola ithuba lokudlala nePhinnet City FC noma iVondwe XI Bullets emdlalweni wokunquma ozodlulela kwiLast 32.

UNku akakaze abe neqembu esigabeni esiphezulu kusukela ahlukana neSekhukhune United ekupheleni kwesizini edlule. 

U-Lesiba Nku uzakhele igama kwiPolokwane City ngaphambi kokudlulela kwiMamelodi Sundowns la izinto zingamvumanga khona.

Wabe esedlulela kwiStellenbosch FC, neSekhukhune United ngaphambi kokunyamalala kwiPSL kule sizini.

Umqondisi wezobuchwepheshe kwiSunrise Lite, uMarcus Legodi, uthi uNku usebenzisa leli thuba ukuzigcina esesimweni ngaphambi kokubuyela kwiBetway Premiership ngoJanuwari 2027.

“Abadlali abaningi bayahlala emakhaya uma bengenawo amaqembu, kodwa amaqembu afuna abadlali abasadlala. 


“Ngakho lokhu kuzombeka ethubeni elihle lokuthola iqembu elihle ngonyaka ozayo,” kusho uLegodi kwiFAR Post.

Uthi bajabule nangolwazi uNku aludlulisela kubadlali abasebancane, njengoba eseke wadlala kowamanqamu wezinkomishi nasemidlalweni yeCAF Confederation Cup.