
Ukhombise isibindi ebophela elePirates lamanqamu u-Ouaddou
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou usephinde wakhombisa isibindi sakhe ngeqembu alibophele emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout.
I-Orlando Pirates ibhekene neMarumo Gallants kulo mdlalo obhekwe ngabomvu osePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo – uqala ngo-6 ebusuku.
IPirates yiyona ebhekwe ukuba inqobe kulo mdlalo njengoba ijwayele ukuyishweba le ndebe.
Emuva, u-Ouaddou ubuyise uLebone Seema ozobambisana noMbekezeli Mbokazi odlala umdlalo wakhe wokugcina kulezi zinkunzi zaseSoweto.
NgoJanuwari – ngemuva kweCaf Africa Cup of Nations – uMbokazi uzobe eseyojoyina iChicago Fire yase-US.
Kwesokunxele emuva, lo mqeqeshi uqale ngoNkosikhona Ndaba esikhundleni sikaDeon Hotto okunguye ojwayele ukudlala kule ndawo.
Ekhuluma kwabakamabonakude ngaphambi komdlalo, u-Ouaddou uthe isifiso sabo wukujabulisa abalandeli abagcwele inkindla.
“Yisikhathi esimbandi kakhulu kubalandeli. Sikulungele ukubajabulisa,” kusho u-Ouaddou.
“Lena yindebe osekunesikhathi isigeja futhi siyibheke ngabombu.”
Ebuzwa ngeqembu elibophele, uthe uqoke abadlali abamkhombise ejimini ukuthi bayafuna ukuwudlala.
FUNDA NALA | UNcikazi uveza abakusaba kwiGallants
“Bebebahle kusukela ekuqaleni kwesonto siqala amalungiselelo. Sengethemba ukuthi lokho bazokubonisa nasenkundleni.”
- IPirates ibophele kanje: Chaine – Ndaba, Lebitso, Mbokazi, Seema – Nemtajela, Mbatha, Makhaula – Appollis, Mofokeng, Makgopa
- Ebhentshini: Buthelezi, Sibisi, Van Rooyen, Hotto, Mbule, Dansin, Selepe, Moremi, Mbuthuma
- IGallants ibophele kanje: Arubi – Ncube, Chabatsane, Eroine, Sikhosana – Otladisa, Mabuza, Nhlapo, Bance – Sithole, Ndlondlo
- Ebhentshini: Mlambo, James, Mabotja, Clifford, Luthuli, Mphambaniso, Msendami, Mhlongo, Motloung
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
