
USeptember ubhoboka ngento ehlezi isolwa ebholeni lakuleli
UThabo September usegonyuluke ngento okuhlezi kuhletshwa ngayo ebholeni lakuleli – ukusayinelwa kwabaqeqeshi abadlali.
Le nsizwa eke yaqeqesha iChippa United, enye yezimpi ezinkulu ebholeni laseNingizimu Afrika yenzeka emahhovisi.
USeptember usephumele obala ngokwehlukana kwendlela amaqembu ePSL aphatha ngayo izindaba zokusayinwa kwabadlali.
Uveze ukuthi abanye abaqeqeshi abanalo izwi elanele ekwakhiweni kwamaqembu abo.
Uthi akhona amaqembu lapho izikhulu eziphezulu zizithathela khona izinqumo ngokusayinwa kwabadlali, umqeqeshi agcine esebenza ngalabo abanikezwa bona.
Uthi lokho kusuke kungakhathalekile ukuthi bayahambisana yini nendlela umqeqeshi afuna ukudlala ngayo.
“Kunabaphathi bamaqembu abasayinela abaqeqeshi abadlali.
“Kuya ngokuthi ukuliphi iqembu,” kusho uSeptember kwiKickOff.
Uthi emaqenjini ahleleke kahle, umqondisi uyabonisana nomqeqeshi ngaphambi kokuthengwa komdlali.
“Kwesinye isikhathi umqondisi uyabonisana nomqeqeshi, bavumelane ngabadlali abafuna ukubaletha.
“Lokhu kuvame ukwenzeka emaqenjini aphethwe ngobungcweti, anendlela ecacile afuna ukudlala ngayo,” kusho yena.
Nokho, uthi akunjalo kuwo wonke amaqembu.
“Kukhona lapho usihlalo ethenga khona umdlali ngoba emthanda, hhayi ngoba ehambisana nendlela iqembu elifuna ukudlala ngayo.
“Uvele avuke ekuseni athande umdlali othile, avele amsayinise.
“Umqeqeshi ufika ejimini abone ubuso obusha.
“Uma ebuza, usihlalo umtshela ukuthi, ‘Hhawu, yazi ngikhohliwe ukukutshela, sesisayine lo mdlali.
- FUNDA NALA | UMdaka uveza angakuthandanga ngoCampbell
“‘Ungakhathazeki, useyingxenye yeqembu, vele umsebenzise’.
“Kulawo maqembu kufanele usebenze nganoma yimuphi umdlali olethwa kuwe,” kuchaza uSeptember.
U-Thabo September useke waqeqesha kwiSuperSport United neChippa United kusukela agaxa amakhokho emgibeni.
- EZISHISAYO!|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
