EzintshaKaizer Chiefs

Okwenze u-Inacio anike uKwinika ibhande kwiChiefs

UKwinika ungene maphakathi nesiwombe sokuqala, ethatha indawo ka-Aden McCarthy olimalile, kwaphoqeleka ukuthi akhishwe. 

Ekungeneni kwakhe, kubonakale u-Inacio egijima eya kuye futhi wafika wamfaka ibhande lobukaputeni.

Ngokwashiwo ngumqeqeshi uNasreddine Nabi ngokaputeni ngaphambi kokuqala kwesizini, u-Inacio nguyena ukaputeni kwiChiefs bese kuthi uKwinika abe yiphini lakhe. 

Lokhu kusho ukuthi u-Inacio bekungenasidingo sokuthi alikhiphe ibhande alinike uKwinika uma engena. 

Kodwa ngokubika kweFARPost, ukwenziswe yinhlonipho anayo ngoKwinika ongomunye wabadlali abakhulele kuleli qembu laseNaturena. 

“UMiguel umhlonipha kakhulu uZitha njengomunye wabadlali abadala eqenjini,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Uyawazi umlando kaZitha ekilabhini njengoba (uKwinika) ekhulele eqenjini futhi wanyuka esuka emaqenjini ezinkulisa zeqembu.

“Ngaphezu kwalokho, uZitha ungumuntu onezwi eqenjini. Uyisibonelo esihle – edlala noma engadlali uhlezi ezinikele.

“Ungumuntu ohlezi  ephambili kokwenziwayo ngakho u-Inacio lokhu akwenzile ukwenziswe yinhlonipho anayo.”

Lo mthombo uncome u-Inacio ngokuhlonipha wonke umdlali eqenjini, nokuba ngumuntu ogqugquzela ubumbano nokubambisana.