
Unikwe ikhefu uRiveiro ‘obefa umzwangedwa’
- Sibongiseni GUMBI
Yize eqhubeka nokujabulisa abalandeli be-Orlando Pirates ngokunqoba imidlalo nezindebe, umqeqeshi uJose Riveiro ulokhu ephufumula ngenxeba.
Lokhu kungenxa yokuthi sekuyazwela kuye ukuba kude nomndeni wakhe isikhathi eside.
URiveiro wabonakala echiphiza izinyembezi ngesikhathi iPirates inqoba iMTN8 okwesithathu kulandelana ngempelasonto.
Kwakungathi ugajwe yinjabulo, kodwa manje sekuyavela ukuthi yize kwakuyinjabulo, kodwa manje sekuvela ukuthi kwakuyimizwa exubene.
“Ukuqaqamba kwenhliziyo kuhlale obala ngemuva kokunqoba kwakamuva kwiMTN8 sibhekene neStellenbosch FC,” ibhale kanje iPirates esitatimendeni.
“Into abaningi abangayazi wukuthi kule minyaka emibili, uRiveiro ulokhu ekude nomkakhe nendodakazi yabo esencane.
“Ubedliwa womzwangedwa wokuba yedwa ngesikhathi ngapha ethwele emahlombe akhe isisindo sokuhola ikilabhu enkulu njenge-Orlando Pirates.
“Leziya bekungezona izinyembezi zenjabulo, kodwa bezihambisana nobunzima bokuzinikela ngakho konke kulo msebenzi.”
Leli qembu libe seliqinisekisa ukuthi njengoba imidlalo yePSL neCaf imile ngenxa yekhalenda leFifa, uRiveiro unikwe ithuba lokuyobona umndeni wakhe.
Kuzokhumbuleka ukuthi uSergio Elmenara, obeyiphini likaRiveiro afika nalo, yena wacela ukukhululwa, ekhala ngakho ukukhumbula umndeni.
Yena wakhala ngokuthi ngaphambi kokuza kwiPirates, wayethuthele umndeni wakhe ezweni elisha la ungazi muntu khona.
OLUNYE UDABA: UZwane uphawula ngokushiya kwakhe kwiChiefs
Uhambe ekupheleni kwesizini edlule ngemuva kokuncengwa ukuthi ayiqede njengoba ayefuna ukuhamba maphakathi nayo.
