EzintshaKaizer Chiefs

UZwane uphawula ngokushiya kwakhe kwiChiefs

U-Arthur Zwane, odume ngelika-10111, ubonge iKaizer Chiefs njengoba eshiya eNaturana eya eThekwini la ejoyina khona AmaZulu FC.

Uzoba ngumqeqeshi waMaZulu ngokubambisana noVusumuzi Vilakazi. Lesi sinyathelo siqinisekiswe Usuthu ngoLwesibili ebusuku. 

UZwane ujoyine iChiefs njengomdlali ngo-2000, wanqoba izindebe ezingu-12. 

Wadlala imidlalo engu-252 ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi ngo-2010. 

Wabe esedlulela ekubeni ngumqeqeshi ezinkulisa zeqembu, wagcina eliphini lomqeqeshi eqenjini elikhulu. 

UZwane uhole kafushane iqembu elikhulu njengomqeqeshi oyinhloko ngesizini ka-2022/23.

Esitatimendeni esishicilelwe yiChiefs ngoLwesithathu, uZwane ubonge iKaizer Chiefs nosihlalo uKaizer Motaung ngokumeseka ohambweni lwakhe lweminyaka engu-24 kuleli qembu. 

“Ngingathanda ukudlulisela ukubonga kwami okujulile kuMotaung ngokungeseka okungenamkhawulo,” kusho uZwane.

“Ngiyambonga nezeluleko nothando lwakhe kuwo wonke umsebenzi wami kwiChiefs kusukela ngingimdlali ngize ngibe umqeqeshi. 

“Ukukholelwa kwakhe kimi kungivumele ukuthi ngikhule ngisuka ekubeni ngumdlali ngiye ekuqeqesheni futhi ekugcineni ngibe umqeqeshi oyinhloko. 

“Ngibonga kakhulu ngamathuba ahlinzekwe yiqembu angakhulisanga umsebenzi wami nje kuphela, kodwa nempilo yami. 

“Ngakho, ngiyabonga wiKaizer Chiefs futhi ngiyabonga kusihlalo.”

IKaizer Chiefs nayo idlulise ukubonga kwayo kuZwane ngomsebenzi ayenzele wona, yamfisela yamfisela okuhle kodwa endimeni yakhe entsha kuMaZulu. 

Lokhu kuphawula isahluko esisha esijabulisayo kuZwane njengoba ebhekene nenselelo yokuhola Usuthu.