
UJohnson ucacisa ‘eyenomfi’ ebambe u-Ox kwiChiefs
- Alfred NGUBANE
Ukungabaza nokuqagela okukhona ngekusasa likaSibongiseni “Ox” Mthethwa kwiKaizer Chiefs kuyamangaza.
Lo mdlali ufike kuMakhosi ethwelwe ngeqoma ngemuva kokuthi edlale ngendlela encomekayo kwiStellenbosch FC.
Ukuthengwa kwakhe yiChiefs yinto abalandeli ababeyibheke ngabomvu, futhi bencenga ikilabhu ukuthi ikwenze.
Nokho kwisizini yakhe yokuqala akafikanga ezingeni ebeibhekwe kuye, futhi nejezi ubelithola amacozucozu.
Kule sizini ke izinto sezijike kakhulu njengoba kunemibiko ethi iqembu licabanga ukubolekisa ngaye noma limdayise ngokuphelele.
ILisenethini ibe seyithinta omunye wabaqeqeshi asebenze nabo kwiChiefs, uCavin Johnson ukuzwa ukuthi ngabe yini le ejikile ngalo mdlali.
UJohnson uthi uMthethwa ubedlala kahle nje ngaphansi kobuholi bakhe futhi bebengenayo inkinga.
“Mina ngibona ukuthi kuzomele aqinise ekusebenzeni kanzima uMthethwa ngoba ungumdlali omqoka kakhulu,” kusho uJohnson.
LO mqeqeshi osenemava ebholeni lakuleli, futhi olekelele abadlali abaningi ukuthi bathuthuke, unxuse uMthethwa ukuthi akhuphule amasokisi.
“Ufike lapho iqembu lingenzi kahle, wagcina ehlelwa ukuzithemba njengabobonke abadlali beKaizer Chiefs.
“Mina bengingathokoza um uNasraddine Nabi engameseka esimweni akusona, amchazela nangokuthi kungani engamdlalisi.
“Kubuhlungu kumdlali uma ngabe eqiwa yijezi. Abadlali abanjengo-Ox bancane kwiBetway Premiership. Yena uyakwazi nokudlala nasemuva,” kuqhuba uJohnson.
