
Okwenza uBroos ajabule u-Appolis ‘efeyila’ ukushiya iCity
- Sibongiseni GUMBI
Kwamjabulisa uHugo Broos ukuthi u-Oswin Appolis agcine engakwazanga ukuya kwiMC Algiers, e-Algeria.
Lo mdlali ubemataniswa nalezi zinkunzi zase-Algeria ngesikhathi kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali kwiPSL.
Yize kwabikwa ukuthi amaqembu asevumelene, futhi nomdlali usekuvumile ukuyojoyina leli qembu, izinto zabhimba ekugcineni.
Umphathi wePolokwane City – la kudlala khona u-Appolis njengamanje – wavele wanyamalala, isivumelwano asanagphethwa.
Manje, yize ukudlala kwelinye izwe bekunngamkhulisa u-Appolis, uBroos – ongumqeqeshi weBafana – uthi ubevele engakuthandi ukuhamba kwakhe.
“Ngiphoxekile ngokuthi akazange esahamba, kodwa ngijabule ngoba bekungelona iqembu elimfanele,” kusho uBroos kuleli sonto.
Ubekhuluma ngesikhathi ethula iqembu lakhe azodlala ngalo imidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations neCongo-Brazzaville.
“Ngakhuluma naye ngesikhathi sisekhempini ngoSepthemba ngamtshela ukuthi kunemali impela, kodwa i-Algiers ayilona iqembu elimlungele.
“Ngakho-ke, ngalokho, ngijabule ngokuthi usekwiPolokwane City. Uzohlezi edlala kuyo, okuyinto enhle kakhulu.”
Ube esenza isibonelo ngoKhanyisa Mayo oshiye iCape Town City waya kwiCR Belouzdad khona e-Algeria la engakadlali khona.
“Niyakubona okwenzeka kulo omunye, uMayo, akadlali,” kuqhuba lo mqeqeshi ongafihli lutho.
“Kusetshenzwa ngenye indlela eNorth Africa futhi akulona ikhono kuphela elidingekayo, kudingeka uqine nangokomqondo ukuze ujwayele, akulula.
“Ngakho asethembe ukuthi laba bafana bazoqala badlale ngenyanga ezayo. Ngiyajabula ukuthi u-Appolis uselapha.”
