
Okusha ngolwePirates neLupopo – isikhalo sifaka nabadlali
Kuvela ukuthi i-Orlando Pirates ayifakanga isikhalo ngomqeqeshi kuphela ecaleni esikhalweni sayo ngeSt Eloi Lupopo, kodwa ikhala nangabadlali ababili abebengafanelekile ukudlala.
Ngokwemibiko yakamuva, seziphelele izikhalo zayo zintathu mayelana nomdlalo wayo neLupopo wakamuva weChampions League.
Lesi sikhalo sifakwe ngemuva kokuthi amaBhakabhaka ekhishwe kulo mqhudelwano kanti sibalula umqeqeshi uGuy Bukasa, nabadlali ababili, uHenoc Molia noRamos Kashala.
Kafushane ngesikhalazo sePirates
Isikhalo se-Orlando Pirates sisekelwe kulawa maphuzu amathathu alandelayo:
- Umqeqeshi uGuy Bukasa: IPirates ithi uBukasa ubedonsa isigwebo semidlalo eyisithupha emidlalweni yeCaf ngenxa yokuziphatha kabi ngesikhathi eqeqesha iqembu lesizwe laseDR Congo lika-Under 20. Nokho ubebhentshini ngesikhathi somdlalo, iPirates ethi kuwukwephula imithetho yeCaf.
- UHenoc Molia: Ikilabhu isola ukuthi lo mdlali ubhalisiwe yiLupopo uHenoc Molia ngemuva kokuvalwa kwewindi lokudayiselana ngabadlali, okungaba wukwephulwa kwemithetho yeCaf.
- URamos Kashala: IPirates izwakalise ukukhathazeka ngokufaneleka kwalo mdlali uRamos Kashala, yathi unamaphasiphothi amabili ehlukene.Â
Imiphumela engaba khona
KwiSt Eloi Lupopo: Uma i-Caf iyithola inecala lokusebenzisa laba bengafanelekile, le kilabhu ingase ibhekane nokuxoshwa kwiChampions League.
KwiPirates: Ukuhoxiswa kweLupopo kungase kuholele ekubuyiselweni kwe-Orlando Pirates esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano.
Impendulo evela kwiSt Eloi Lupopo
Ngokwesizindalwazi saseNyakatho Afrika, iCaf isicele ngokusemthethweni ukuthi iSt Eloi Lupopo inikeze izimpendulo ezisemthethweni ngalezi zinsolo.
Isikhulu seLupopo uJean-Luc Kapend kubikwa ukuthi uzichithile izinsolo ezithinta umqeqeshi uGuy Bukasa, wathi ukumiswa kwakhe kuthinta umsebenzi weqembu lesizwe kuphela, hhayi owamakilabhu.
Izinyathelo ezilandelayo
Ikomidi eliqondisa ubugwegwe leCaf kuhlelwe ukuthi libuyekeze lolu daba kanti kulindeleke ukuthi likhiphe isinqumo ngaphambi kokuthi kuqhathwe imidlalo yesigaba samaqoqo.
FUNDA NALA | oweDurban City uveza abakuyalelwe uHunt ngeChiefs
Lokhu kuzokwenzeka ngoMsombuluko kaNovemba 3. Umphumela wesinqumo sekomidi uzonquma isiphetho sawo womabili la makilabhu emqhudelwaneni.
