EzintshaKaizer Chiefs

OweDurban City uveza abakutshelwe uGavin Hunt ngeChiefs

Abafana bakaGavin Hunt bazogadulisana neKaizer Chiefs ngoLwesihlanu ebusuku emdlalweni weBetway Premiershi olindelwe ngabomvu oseMoses Mabhida Stadium ngoLwesihlanu ebusuku.

IChiefs izongena kulo mdlalo igcwele ukuzethemba ngemuva kokushaya i-AS Simba ukuze idlulele esigabeni samaqoqo kwiCaf Confederation Cup.

Ngasohlangothini lwayo, iDurban City ibheke ukubuyisa umgqigqo wayo wokunqoba kulandela ukuphoxeka kwiCarling Knockout la ishaywe khona yiRichards Bay FC.

UMashego uthi umyalezo kaGavin Hunt ngaphambi kwalo mdlalo ulula — kumele baqinise emuva, bayeke ukuvuzisa amagoli.

“Umqeqeshi ubelokhu egcizelela ukuthi kumele siyeke ukudedela amagoli amaningi,” kusho uMashego. 

“Sidinga ukwenza isiqiniseko sokuthi asingenelwa goli ngoba uma senza lokho, sinethuba elihle lokuwina umdlalo.”

Lo mdlali wasemuva ukholwa ukuthi ukuvimba iChiefs ingazenzeli ngasekuqaleni komdlalo kuzokwenza umdlalo uvune bona.

“Uma udlala neChiefs phambi kwabalandeli bayo bese uyivimba ekushayeni igoli ngesiwombe sokuqala, izokhungatheka,” kuchaza uMashego. 

“Bazobe sebeqala bethumela abadlali abaningi ngaphambili, lokho ke kuzobe sekusivulela izikhala zokuthi nathi sibahlasele bese sibashaya.”

Njengoba uHunt egxile ekuvaleni emuva, iDurban City izobe inethemba lokuthi izocima izibani kuMakhosi ngaphansi kwezibani zangoLwesihlanu ebusuku eThekwini.