EzintshaMTN8

Siqagula elePirates elingase liqale umdlalo kowamanqamu

I-Orlando Pirates izobhekana neStellenbosch FC emdlalweni wamanqamu weMTN8 kanti kunabadlali ababili okungaziwa bazobe bekhona noma cha. 

Bobabili oMonnapule Saleng no-Olisa Ndah bebelimele kanti bekubhekwe ukuthi bahlolwe odokotela ngoLwesihlanu ukuthi ngabe bengadlala yini. 

Laba ngabadlali abamqoka eqenjini likaJose Riveiro futhi ukuba khona kwabo kubalulekile kumo mdlalo oseMoses Mabhida Stadium eThekwini. 

 IPirates ihlose ukuqopha umlando ngokunqoba iMTN8 okwesithathu kulandelana njengoba ibhekene neStellenbosch kowamanqamu.

Ngaphansi komqeqeshi uJosé Riveiro, amaBhakabhaka asethathe izindebe ezine eminyakeni emibili. 

Ukungaqinisekiswa kokuba khona kukaNdah noSaleng abanye bakubuka kuyisu nje lokudida izitha, zingazi zilindeleni. 

Lapha, iLisenethini, iqagula isikimu uRiveiro angase ahlasele ngaso kulo mdlalo.

UNOZINTI: SIPHO CHAINE

Akungatshazwa ukuthi kuzoqala yena ngoba usekhombise ukuba ngunozinti othembekile ezintini zeBucs. Noma kungayiwa kumaphenathi, akanalo uvalo. 

EMUVA KWESOKUDLA: THABISO MONYANE

Uzobuyela esikimini, ethatha indawo kaDeano Van Rooyen ongeke akwazi ukudlala kulo mdlalo ngoba wadlala kwiStellies kuqala lo mqhudelwano. 

EMUVA KWESOKUNXELE: DEON HOTTO

Lo mdlali wasemuva waseNamibia uqhudelana no-Innocent Maela noPaseka Mako endaweni yesokunxele emuva. Kodwa kusukela ngesizini edlule nguye othenjwa uRiveiro kule ndawo. Ukukwazi ukukhahlela ngobuchule amabhola abekwe phansi nephenathi kumbeka phambili kunalabo abanga nabo le ndawo. 

EMUVA MAPHAKATHI: THABISO SESANE

Lo mdlali osemncane wasemuva ukhuphuke ngesikhathi uXoki engekho, wayibamba kwangathi kade aba khona kule ndawo. 

EMUVA MAPHAKATHI: INNOCENT MAELA

Uma kuwukuthi uNdah akakuphasanga ukuhlolwa kwangoLwesihlanu, kuzoqhubeka uMaela kule ndawo abedlala kuyo nangempelasonto edlule. 

ESISWINI MAPHAKATHI: MAKHEHLENE MAKHAULA

Uyena okubhekwe ukuthi abe yinsika, anqamula iminyakazo yeStellies yokuhlasela ingakasondeli epalini. Kuzomele agade noJayden Adams ukuthi angalawuli umdlalo esiswini.

ESISWINI MAPHAKATHI: THALENTE MBATHA

Lesi sihlabani esisafufusa kubhekwe lukhulu kuso njengoba sikhombise ukuba ngumdlali okhaliphile, okwazi ukufunda umdlalo. 

UMDLALI WASESISWINI OHLASELAYO: PATRICK MASWANGANYI

I-Ambulesi yaseThembisa iyona eyenza iPirates idlale kahle, uyakwazi ukukhuphula ukuzethemba kozakwabo nokushaya amaphasi ahlakaza udonga lwasemuva. 

ESISWINI KWESOKUDLA: MONNAPULE SALENG

USaleng ubonakalile kubadlali abafike nePirates eThekwini kanti kulindeleke abe khona eqenjini elizoqala umdlalo. 

ESISWINI KWESOKUNXELE: RELEBOHILE MOFOKENG

Yize esemncane, usekhombise ukuba nesibindi sokuthwala iqembu uma kunzima futhi uyakwazi ukushaya amagoli amqoka. 

UMGADLI: TSHEGOFATSO MABASA

Ukuma kwakhe phambi kwepali lezitha, aphoqe ukuthi izitobha zimgade kukhulula abanye abadlali abahlaselayo ukuthi bakhululeke.