
I-QB Ingomuso ibonga iLulaway ngokufeza iphupho lePirates Cup
Uhlaka lokuthuthukisa abadlali abasebancane KwaZulu-Natal, iQB Ingomuso, lunikeze inkampani iLulaway isipho sokubonga ngokusiza leli qembu ukuthi likwazi ukudlala kwiPirates Cup ka-2026.
Leli qembu eliholwa umqeqeshi ohlonishwayo, uZiphozonke Dlangalala, belithole ithuba eliyingqayizivele lokudlala kulo mqhudelwano obuse-University of Johannesburg ngo-Ephreli.
Nokho, ngenxa yokushoda kwemali, lalibhekene nengozi yokungakwazi ukuya kulo mqhudelwano.
Kwabe sekungenelela inkampani iLulaway, eyakhokhela izindleko zokuhamba, indawo yokulala nokudla, okwenza abadlali bakwazi ukuyoveza amakhono abo.
NgoLwesine ekuseni, uDlangalala uthumele ithimba eliyomela i-QB Ingomuso emahhovisi eLulaway ukuyonikeza inkampani isipho sokubonga ngomusa nokweseka intsha.
Usihlalo weLulaway, u-Andile Mkhosana, uthe umsebenzi owenziwa uDlangalala uhambisana nombono wenkampani yabo wokufukula intsha.
“ILulaway isineminyaka engu-16 isiza abantu abasha ukuthola amathuba omsebenzi,” kusho uMkhosana.
“Kuleyo minyaka sesisize abantu abasha abangaphezu kuka-210 000 bathola umsebenzi.
“Siphinde sabhalisa abangaphezu kwezigidi ezimbili ohlelweni lwethu.
“Sabona kubalulekile ukutshala imali entsheni ngoba yilokho esikwenzayo nsuku zonke.
“Ngesikhathi leli thuba lifika, sanquma ukufaka isandla ukuze sisize laba badlali abasebancane.
“Siyaziqhenya ngomsebenzi owenziwa umqeqeshi uDlangalala wokwakha ikusasa lentsha nokuyinika amathuba angcono.”
- FUNDA NALA | AmaZulu ahlabene ngoMokoena
Lesi senzo sigcizelela ukuzibophezela kwe-QB Ingomuso ekuthuthukiseni abadlali abasebancane.
Siphinde sikhombise ukubaluleka kokubambisana phakathi kwamabhizinisi nemiphakathi ekwakheni ikusasa labadlali abasakhulayo.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
