Bafana BafanaEzintsha

Okwenza uMosimane angatatazeli kulimala isiqongwane

Izinhlelo zika-Pitso Mosimane kwiBafana Bafana zesithole ukuphazamiseka okukhulu ngaphambi komdlalo obalulekile wokuhlungela i-Afcon ka-2027.

Lokhu kuza njengoba omunye wabadlali abanamava emuva uNkosinathi Sibisi ezobe engekho ngenxa yokulimala.

UMosimane ukuqinisekisile ukuthi uSibisi ngeke adlale emdlalweni neGuinea e-Orlando Amstel Arena ngoMgqibelo. Uqala ngo-3 ntambama.

Lo mdlali we-Orlando Pirates ubengomunye wezethenjwa kwiBafana kule minyaka emihlanu edlule ngaphansi kukaHugo Broos.

Kodwa manje uthole ukuthinteka ngesikhathi iqembu lizilolonga, lilungiselela lo mdlalo obalulekile.

“Yizindaba ezimbi ngoSibisi ngoba ulimele futhi ubengaziqeqeshi kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule,” kusho uMosimane.

“Uthole ukulimala ngesikhathi siziqeqesha. Ngakho siyamqapha. Udokotela uthe uzophuthelwa yilo mdlalo.”

Ukungabikhona kukaSibisi kufika ngesikhathi iBafana ibhekene noSerhou Guirassy, ongomunye wabagadli abayingozi kakhulu beGuinea.

ULebo Maboe naye ngeke adlale, kodwa u-Pitso Mosimane uthi iqembu lakhe lakhelwe ukubhekana nezimo ezinjengalezi.

“Ukulimala kuyingxenye yomdlalo webhola nezemidlalo jikelele,” kusho yena.

“Ngakho sikhetha abadlali abaningi ngoba sazi ukuthi sizobhekana nani.

“Siyabonga ukuthi sikhethe abadlali abanele. Kufanele sikhethe abaningi ngangokunokwenzeka ukuze sikwazi ukubhekana nalezi zingqinamba ngaphandle kokutatazela. 

“Yilokho esinakho. Kuze kube manje, konke kuhamba kahle.”

IBafana izobhekana neGuinea emdlalweni lapho iphutha lingase libe yingozi emkhankasweni wayo kaGroup D.

Ukukhathazeka kukhulu njengoba iGuinea ithathwa njengelinye lamaqembu ayingozi kuleli qoqo.

Khonamanjalo, ukaputeni uRonwen Williams usecele abalandeli ukuthi bagcwale i-Orlando Amstel Arena ukuze banikeze iBafana amandla.

No-Pitso Mosimane ufanelwe wukwamukelwa ngenhlokomo njengoba eqala ihlandla lakhe lesibili kulo msebenzi.